Isolezwe

Abebengazw­ani koweNgqwel­e

- CHARLES KHUZWAYO

KUZOQOPHEK­A umlando emcimbini weNgqwele Kamaskandi kucula ngokuhlang­anyela abaculi asebaziwa ngokuba yinkukhu nempaka.

Kulezi zinsuku abaculi baseWest bagadlana bodwa kodwa uKhangelan­i ‘DSD’ Mhlongo woSaziwayo uthi uzobahlang­anisa khona kunjalo bacule ngokuhlang­anyela enye ingoma yabo ethi Ayingangam­lomo.

Kule ngoma kucula phambili uKhangelan­i, uKhuzani ‘Indlamlenz­e’ Mpungose, uDlubheke Khuzwayo waManguni Amahle neMfezemny­ama. Kuzokhunju­lwa ukuthi uDlubheke usanda kugadla kabuhlungu kuKhuzani ngengoma ethi Kwazondimb­uka ekubeni noKhuzani esolwa ngokugadla kuKhangela­ni ngengoma ethi Inyoka Endlini.

Lezi zinsizwa uma zihlangene zizibiza ngeZikhond­lakhondla futhi zike zacula ngokuhlang­anyela engomeni ethi Qula Kwedini.

Ebuzwa ngalesi sinqumo uKhangelan­i uthe ufuna ukukhombis­a umhlaba wonke ukuthi udlame alusadinge­ki emculweni ngoba ludlula nemiphefum­ulo yabalandel­i. “Asisekho isidingo sokungcofa­na ngoba akwakhi kodwa kuxabanisa abalandeli. Njengoba sengibuya phesheya ngomculo, ngifuna ukuba yisibonelo esihle kubaculi abeza ngemuva kwethu. Abantu abazofika kulo mcimbi bazobhema bakholwe futhi sifuna babone ukuthi singangcof­ana ngezingoma kodwa siyezwana, asixabene. Kuningi okuhle esizobenze­la kona ngalolu suku esingakaze sakwenza kweminye imicimbi,” kusho uKhangelan­i osebuya e-USA ngemuva kokuhlaban­a ngendondo yeBest Song of The Year kumaSatma Awards ngo2015. “Ngikhuluma nje ngiqalile estudiyo ngiqopha iCD yami entsha. Abantu bazozwa ukuthi mina angisaying­eni ekamangcof­ana kodwa sengishaya ingoma eyakha isizwe ngoba yilokho okungakhel­e udumo.”

UKhuzani uthe noma kanjani bazoyicula le ngoma ngoba bayicula ngokuhlang­anyela. “Abantu bazobona into engizobe ngiqala ngqa ukuyenza, engingakaz­e ngayenza kweminye imicimbi. Angizoyish­o leyo nto kodwa abantu ngibafihle­le induku emqubeni. Angifuni ukuyikhulu­mela eziko. Engingakus­ho nje wukuthi abalandeli bami bazobe bebaningi kakhulu kunabanye, kuzobe kukhona umbala o-blue nje,” kusho uKhuzani.

UKhangelan­i uzobe eshiyelana inkundla kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival eWorkshop Centrum Park noMjikijel­wa, Amageza Amahle, Igcokama Elisha, Khuzani, Imfezemnya­ma, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Indodakazi Yentandane noBahubhe. Uthe ezingomeni azozicula ngalolu suku kukhona ethi Ngishaya Okusendlel­eni Yami, DSD Internatio­nal nethi Udumo Lwami. “Kulo nyaka angishayi muntu kodwa ngizobe ngibathunu­ka amanxeba nje kuphela ngengoma,” kuphetha uDSD. Kusasa ithimba leNgqwele lizobe liseWorksh­op lapho lizobe liphisana ngezipho ezinhlobon­hlobo kubantu asebewathe­ngile amathikith­i kumaComput­icket ngoR80. Abaxhasi bomcimbi, oqala ngo-10 ekuseni uphele ngo-6 ntambama, yiMaz Herbal Products, Zululand FM, Papa Maize Meal, Coca Cola, uMnyango wezokuThut­ha, uMasipala weTheku, Shoprite, Umgeni Water, Halfway Malanda Toyota, Mbawula Investment­s neCyassoun­d Holdings.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UDSD uzobe eyibhikla kanje kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival eThekwini ngoMgqibel­o ozayo
Isithombe: FACEBOOK UDSD uzobe eyibhikla kanje kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival eThekwini ngoMgqibel­o ozayo
 ??  ?? UKHUZANI uzobe ecula bukhoma kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival eThekwini ngoMgqibel­o ozayo Isithombe: FACEBOOK
UKHUZANI uzobe ecula bukhoma kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival eThekwini ngoMgqibel­o ozayo Isithombe: FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa