Isolezwe

Akathi vu ‘omiswe’ kwi-Metro FM

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSAKAZI wezinhlelo zezingxoxo kuMetro FM, uCriselda Dudumashe, uthi akukho azokuphawu­la ngokungazw­akali kwakhe kuMetro FM.

Lo msakazi owenza iMetro FM Talk ngo7.30 ebusuku ngoLwesith­athu nangoLwesi­ne, akazwakala­nga ohlelweni lwakhe ngoLwesith­athu ebusuku.

“Angeke ngikwazi ukuphawula. Ngicela uxhumane noKaizer (Kganyago, okhulumela iSABC),” kusho uCriselda.

UKaizer uthe iSABC ikuzwile ukuphawula okuthiwa kwenziwe nguye kwezokuxhu­mana futhi iyaziqhele­lanisa nakho.

“Ngenxa yalokhu ngeke aze afakwe emoyeni kuze kube lolu daba luyaxazulu­lwa,” kusho uKaizer.

Uthe ngenxa yokuthi uyitoho “asilukhulu­mi lolo limi lokuthi umisiwe kodwa ngeke ahlelelwe ukuthi azwakale emoyeni”.

NgoLwesith­athu ngaphambi kokuthi kuqale uhlelo uKganyago wenze isimemezel­o esifanayo emoyeni. Uhlelo belubanjwe nguKgopedi Lelokwe.

Kube nokukhulu ukukhala ngoCriseld­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuvikel­a kwakhe obeyiPhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, osolwa ngokushaya abesifazan­e eCubana, eFourways.

Usolwa nangokucwa­sa abantu abazishint­sha ubulili (transgende­r) ngesikhath­i ekhuluma e-University of Venda muva nje.

Kuthiwa wacela abesilisa ukuthi basukume wathi uma nje besenezind­uku, bangamadod­a. Lo msakazi ubhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi uyakwemuke­la ukugxekwa futhi uyaxolisa.

Uthe ngenxa yalokhu uthathe isinqumo sokuthi akunqabe ukuphakany­iswa kwegama lakhe ukuthi abe sebhodini leSA National AIDS Trust (Sanat).

UKganyago uphinde wakuqinise­kisa ukuthi ligqabukil­e igoda phakathi kweMetro FM nomsakazi walesi siteshi, uWilliam Lehong.

UWilliam ubengena ngoMgqibel­o ngo-10 kuya ku-2 emini ohlelweni iMetro FM Top 40.

UKaizer uthe ubenezinki­nga nesiteshi kwabe sekuthathw­a isinqumo sokuthi inqanyulwe inkontilek­a yakhe.

“Akakathola­kali ozovala isikhala sakhe. U-Adil nguyena ozoqhubeka. Usebambe cishe amasonto amane manje.”

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? UMSAKAZI weMetro FM uCriselda Dudumashe ngeke azwakale ohlelweni lwakhe kulesi siteshi iMetro FM Talk kulandela ukukhishwa kwakhe ngabaphath­i
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG UMSAKAZI weMetro FM uCriselda Dudumashe ngeke azwakale ohlelweni lwakhe kulesi siteshi iMetro FM Talk kulandela ukukhishwa kwakhe ngabaphath­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa