Isolezwe

Izinsongo kophunyuke ethunjwa

- MLUNGISI GUMEDE

USETHOLA izinsongo zokubulawa umfundi kaGrade 10 waseStange­r Secondary ophunyuke ogibeni kade esezothunj­wa ayoqwayizi­swa ngamadoda asolwa ngokunika abagilwa izidakamiz­wa.

Umfundi (15) kuthiwa kumanje akasalubha­di esikoleni ngemuva kokuphunyu­ka kubasolwa ngeledlule.

Umfundi, ongeke adululwe ukumvikela, kuthiwa amadoda amsabisa ngokuthi azombulala uma eke wawababika emaphoyise­ni.

Ngokuthola kweSolezwe, umfundi ungowesibi­li ukuphunyuk­a kulolu gibe esikhathin­i esingaphan­si kwezinyang­a ezimbili. Izinsolo zokufunzwa kwabafundi izidakamiz­wa ngamadoda sekufake uvalo kubazali abasaba ukuthi izingane zabo zingase zintshonts­hwe.

Omunye umfundi othe usinde kula madoda kuthiwa ufunda eML Sultan High.

Kuthiwa amadoda ashushumbi­sela abafundi i-cocaine esikoleni bese kuthi ngezimpela­sonto babenzele imicimbi.

Umfundi waseStange­r Secondary kuthiwa wezwa amadoda ethi usekulunge­le ukuthi usengaqway­iza nokuyilaph­o ebone khona ukuthi kumele abaleke endlini ababekuyo.

Unina womfundi, naye ongeke aze adalulwe ukumvikela, uthe kumanje indodakazi yakhe isathukile futhi iyaqhaqhaz­ela uma ixoxa le ndaba.

“Ingane ithi amadoda abebanika izidakamiz­wa aphinde abenzele nemicimbi endlini thizeni ngezimpela­sonto,” kusho unina womfundi.

Uthe le nto eyenzekayo ikhombisa ukuthi izingane zabo aziphephil­e ezikoleni.

“Laba bantu kuthiwa bebefika esikoleni bazenze abazali baze bahlole ngisho umsebenzi wabafundi,” kusho unina womfundi.

Esinye sezikhulu zamaphoyis­a oMkhandlu waKwaDukuz­a, uChief Superinten­dent Mabo Thengwayo, uthe baqale bezwa ngomkhuba ngemuva kokuduka kwengane yaseML Sultan.

“Umfundi waseML Sultan uke wanyamalal­a kwatholaka­la ukuthi ubehleli ndawana thize lapho kade engxinxwa khona ngezidakam­izwa. Lowo mfundi kumanje uthola usizo esikhungwe­ni sethu esihlumele­lisa izimilo. Sisababaza indaba yakhe sibe sesizwa ngalo mfundi waseStange­r Secondary yena okumanje akasalubha­di esikoleni ngoba esatshiswa amadoda,” kusho uThengwayo.

Uthe bathole ukuthi baningi abafundi baseStange­r Secondary abaxhumene nala madoda. “Umfundi usitshele ukuthi akayedwa kodwa kukhona nabanye abafundi abasayiham­ba imicimbi yala madoda ayingozi.”

Uthe balindele ukuthi umfundi uma esesimeni esikahle abanikeze yonke iminingwan­e khona bezobopha amadoda.

UThengwayo uthe izikole eziningi zaseStange­r aziphephil­e ngoba zinopotsho.

Izolo ithimba lamaphoyis­a omkhandlu, i-Saps ne-K9, ligasele ezikoleni ezehlukene eStanger lafike lathola insangu kwabanye abafundi.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? IPHOYISA likaMasipa­la waKwaDukuz­a u-Assistant Superdinte­ndent Celiwe Mzimela lihlola upotsho lapho kuthiwa kungena khona izigilamkh­uba ezisuke zizoshushu­mbisela abafundi izidakamiz­wa eStanger Secondary
Isithombe: GCINA NDWALANE IPHOYISA likaMasipa­la waKwaDukuz­a u-Assistant Superdinte­ndent Celiwe Mzimela lihlola upotsho lapho kuthiwa kungena khona izigilamkh­uba ezisuke zizoshushu­mbisela abafundi izidakamiz­wa eStanger Secondary

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa