Kuphenywa ngokudliwa kwemali yesomiso eKZN
OKUHLABAHLOSILE okuqukethwe yiphephandaba lakho eliphuma kusasa Isolezwe ngoMgqibelo ELAWINI LIKAMAGUMEDE
Abangani bangawubhidliza umendo wakho uma ungabhekile. Thola kabanzi ngalesi sihloko kusasa.
Ubhekana kanjani nesithandwa esiwungoqo, wena ube usokola. INDLELA YOKUPHILA
Kuyingozi ukuxabana phambi kwezingane. Zizwele ongoti begeqa amagula ngalokhu. EZOKUNGCEBELEKA
Usehambe ethuka izanya umlingisi wefilimu ekhuluma ngokusoka IZINDABA
Agilwe isilo sengubo amaphara abethi ayeka ukubhema iwunga nokuyidayisa EZEMIDLALO
•SIKUPHATHELE inkakha yeChiefs enombon wayo ngokufanele kwenzeke eNaturena.
SIZOXOXA nabaqeqeshi beSafca ukuthi baphawule ngokugqama kwabaqeqeshi abasha lwiPSL.
SEKUQALWE uphenyo eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya KwaZulu-Natal ngokudliwa kwemali eyayizobhekela isomiso esikhahlameze lesi sifundazwe.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Themba Mthembu, obekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, uthe lolu phenyo luyaqhubeka kulandela ukungakhiwa kwamadamu nezindawo zokumba amanzi ngaphansi komhlaba.
UMthembu uthe nakuba engeke ande kabanzi ngoba uphenyo luyaqhubeka kodwa ucasuke kabi ngokuthi kunabantu abadlala ngokuhlupheka kwabantu ngokudla imali engabe iyabasiza.
“Imali yesomiso bayehlise ngomlenze. Ingicasule kabi le ndaba ngoba eMtubatuba kuthiwa kuzogujwa amanzi ngaphansi komhlaba, yaphuma imali kodwa uma uya khona ufica ingekho leyo ndawo yamanzi. Zingu-90 izindawo ezifuze lezi ezingakhiwanga. Kunezinhlelo ezingu-26 okwagunyazwa ukuthi zisize abesifazane kodwa zimisiwe, inkohlakalo efuze le esiyiphenyayo ngeke sithule nayo. Kunobaba owafelwa yimfuyo, uMthembu uyikhiphile imali kodwa ayifikanga kulo baba,” kusho uMthembu.
Uthe cishe imali eyayabelwe ukubhekana nesomiso ingaphezulu kuka-R75 million kuya ku-R100 million. “Ngeke ngidalule okuningi ngoba uphenyo luyaqhubeka kodwa umbiko ngizowukhiphela umphakathi ngoba ngeke ngithule kudliwa izimali zomphakathi. Kunalabo abacabanga ukuthi sizothula singawukhiphi umbiko othinta inkohlakalo. Njengoba ngisewuNgqongqoshe ngizoqhubeka nokulwa nenkohlakalo.” Uphawule nangokuxoshwa kowayeyinhloko ehhovisi lakhe uMnuz Mbuyiseni Mathons. “Ngaya ngisho kwibamba lenhloko yomnyango ngiyolitshela ukuthi angimazi ukuthi ukuphi uMathonsi, ngakho akangitholele isikhulu esizosiza ehhovisi lami ngoba kwase kunenkinga. UMathonsi waxoshwa ngoba wayengaziwa washonaphi, wavele wanyamalala.” UMthembu uthe ngeke athande ukuphawula ngezinto eziningi ezithinta lo msebenzi ngoba uhlonipha ilungelo lakhe.
“Baningi abanye abasebenzi abahamba, akuyena yedwa. Angithandi ukwanda kakhulu ngodaba lwakhe kodwa engingakusho nje ngukuthi umsebenzi uyaqhubeka,” kusho uMthembu.
Ebuwa ngezinsolo zokuthi uMathonsi uxoshwe ngoba kunemibiko yokuthi ufuna ukumbangisa esikhundleni sokuba nguNobhala we-SACP engqungqutheleni ezayo, uMthembu uvele wahleka.
“Izindaba ezithinta i-SACP aziyiswe kuyona iziphendule. Ngeke ngikhulume ngazo kulesi sithangami ngoba esezinhlelo zomnyango. Yena kodwa wahamba ngoba kwase kungekho ukusebenzisana okuhle.”
Uphawule nangokususwa kowayeyinhloko yomnyango, uDkt Sphiwe Mkhize athe kwenziwa nguNdunankulu.
“Mina angiqashi futhi angixoshi inhloko yomnyango kodwa lokho kwenziwa uNdunankulu. UNdunankulu owasusa inhloko yomnyango wayiyisa emnyangweni wakhe ngoba kukhona uphenyo olwenziwayo. Amanga ukuthi kunabasebenzi abavalelwa amahhovisi abo abanye basebenzela nasezimotweni,” kusho uMthembu.