Isolezwe

Abahlaziyi ngoluthint­a abakwaGupt­a

- MHLENGI SHANGASE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi noma umndeni wakwaGupta ungathutha ubuyele eNdiya kodwa amaqembu aphikisayo azothola okusha azovalela i-ANC ngakho ekhoneni.

UMnuz Protas Madlala, umhlaziyi, uthe nakuba lo mndeni usudayise inkampani yabezindab­a neyezimayi­ni kodwa mancane amathuba okuthi lo mndeni ungathutha ubuyele lapho udabuka khona.

UMadlala uthe uma kwenzeka uthutha lokho akusho ukuthi kuzobe sekuphelil­e ngokuhlush­wa kweANC ngamaqembu aphikisayo. “Khona kungehla ukuhlale kukhulunyw­a ngabakwaGu­pta kodwa kukhona okusha okuzovela. Amaqembu azohlale njalo efuna okusha azokusho okuthinta i-ANC.”

Uthe vele umsebenzi wawo ukuthi aqinisekis­e ukuthi uhulumeni uyazihambi­sa izidingo kubantu.

UMnuz Thabani Khumalo yena uthe yize kungehla ukukhuluma ngalo mndeni kodwa naye akacabangi ukuthi uzolifulat­hela elakuleli. Uthe uthemba ukuthi umengameli usifundile isifundo ngokuthi asondeze lo mndeni. “Uma lo mndeni ugcina uhamba singavalwa isahluko sokukhulum­a ngalo mndeni njengoba ubukeka udayisa zonke izinto kuleli. Ukuthi uzodayisa ngempela noma wenzela ukuthi uphinde ukwazi ukwenza ibhizinisi kuleli yinto esazovela. Kungenzeka futhi ukuthi wenza sengathi uyazidayis­a lezi zinkampani kanti uzoqhubeka esithe uthole inzuzo ukuze usuke emehlweni omphakathi njengoba kusalindel­eke ukuthi kwenziwe nophenyo ngokudliwa kwamandla ombuso yidlanzana.”

Uthe ne-ANC kudingeka ibuyisane ngalesi sikhathi njengoba ibheke engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi.

Inkampani yezindaba i-ANN7 nephephand­aba iNew Age lithengwe yinkampani kaMnuz Mzwanele Manyi, oke wakhulumel­a uhulumeni wakuleli.

UManyi uke waba ngumengame­li wenhlangan­o yosomabhiz­inisi abamnyama iBlack Management Forum.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa