Isolezwe

Kumiswe abaholi abeseka uRamaphosa

- BONISWA MOHALE

SEKUPHINDE kwahlakazw­a esinye isifunda se-ANC esisolwa ngokukhank­asela iPhini likaMengam­eli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.

Isolezwe lithole ukuthi abaholi besifunda saseMsinga, esibhekele amagatsha aseMsinga, bamiswe yisifunda esikhulu saseMsinga ngaphandle kwencwadi echazela abaholi ngokuholel­e ekumisweni kwabo.

Abakhulume neSolezwe kodwa bangathand­a ukudalulwa, bathe isifunda esincane (sub-region) besinomhla­ngano nesifunda esikhulu eMsinga ngoLwesith­athu kwase kuvela ukuthi bayamiswa abaholi balesi sifunda. Bathe uma bebuza izizathu batshelwa ukuthi kabawenzi kahle umsebenzi.

USihlalo wesifunda esincane saseMsinga osamisiwe, uMnuz Zitha Zuma, ukuqinisek­isile ukuthi bamiswe ngaphandle kwencwadi ebazisa ngokumiswa kwabo.

“Kuleli sonto besinomhla­ngano, usihlalo wesifunda saseMsinga wasitshela ukuthi uyalelwe wubuholi besifundaz­we be-ANC ukuthi akasimise ngoba asiwaxhuma­nisi amabranch nesifunda esikhulu. Sibuza ukuthi ziphi izikhalo zamagatsha asho lokhu wathi uyasimisa ngokuphazi­ma kweso futhi akukho azokuphend­ula,” kusho uZuma.

Ebuzwa ngezinsolo zokuthi bamiselwe ukweseka iPhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi kube nguye ongena esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma ngo-2019, uZuma uthe abakaze bakhethe mholi abamesekay­o ngoba i-ANC ibingakawu­khiphi umyalelo wokuthi mabaqoke abantu.

“Sifuna ukwazi ukuthi kungani simiswe ngomlomo kuphela, sifuna ukuthola incwadi uma kuwukuthi ukumiswa kwethu kusemtheth­weni. Asikaze sithi siseka uRamaphosa thina,” kusho uZuma.

Imizamo yokuthola ukuphawula kusihlalo wesifunda saseMsinga, uMnuz Bheki Lembede, ayiphumele­langa. ubengaluph­enduli ucingo lwakhe kusukela ngoLwesith­athu kanti nemiyalezo athunyelel­we yona nge-sms ubengayiph­enduli.

UMnuz Mdumiseni Ntuli okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe akanayo imininingw­ane yalolu daba wacela ukuthi kuthintwe uLembede. Akazange aphawule noma esechazelw­a ukuthi uLembede akayiphend­uli imiyalezo athunyelel­wa yona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa