Badinelwe ebhasini likamasipala
KUSUKE esinamathambo iqulu ebelivale umgwaqo eCato Manor lithungela ngomlilo ibhasi likamasipala, izolo.
Abagibeli abebekuleli bhasi baphume ngesamagundane ngesikhathi lishaywa ngamatshe umshayeli waphoqeleka ukuthi alimise.
Leli qulu kuthiwa belidinwe ukuthi onogada abathunywe umasipala bafike bathela phansi imijondolo yabo maqede bashisa amapulangwe obekwakhiwe ngayo imijondolo.
Omunye wabahlali okhulume neSolezwe, uthe bakhe imijondolo yabo ebusuku, ekuseni kwafika onogada bayicekela phansi.
“Umasipala yiwona osikhombise ukuthi impahla yomuntu ithungelwa ngomlilo,” kusho yena.
Akaphumelanga obala ukuthi imvume yokwakha bayithathephi. Uthe kungene nabantu abangagunyaziwe, umasipala wafika wadiliza yonke imijondolo, wayokhela ngomlilo.
Umshayeli webhasi ongathandanga ukudalula igama lakhe, uthe uqhamukele equlwini ebelivale umgwaqo, ladedela amatshe libhekise ebhasini.
“Amatshe abeshaya ngale ndlela yokuthi bekungasahambeki emgwaqweni. Ngiyimisile ibhasi ngenzela ukuthi siphume sibaleke. Ngithe ngima, bangithelekela bangiphuca amathikithi nesikhwama esincane ebengisiphethe. Angibonanga ukuthi lishiswe ngani ibhasi, ngilibone selivutha nje,” kusho yena
UMnuz Sbu Zikode waBahlali baseMjondolo, uthe kunemindeni engu-35 ebekumele yakhe imijondolo yayo eyadilizwa umasipala.
Uthe bebeyakha ngemuva kokuthi bathola isivimbelo senkantolo sesikhashana ivimba umasipala ukuthi adilize eminye imijondolo. Abadilizelwa ngokungemthetho ngokwalesi sivimbelo uthe banikwa igunya lokuthi bayakhe kabusha imijondolo yabo.
“Umasipala ufikile kule ndawo sawukhombisa ukuthi ngobani abadilizelwa futhi imijondolo yabo yayikuphi. Kwathathwa izithombe umasipala wabavumela ukuthi bayakhe kabusha njengoba bekusho inkantolo. Ngeshwa kube khona osomathuba abavele nabo bazokwakha eyabo imijondolo kuyo le ndawo,” kusho yena.
Uthe umasipala uma usuzodiliza awubuzi ukuthi umuntu ungubani nokuthi unayo yini imvume, udiliza yonke imijondolo ekubeni wazi ukuthi kukhona abebenemvume.
Ngakolunye uhlangothi uthe abanikazi bemizi baseBonella nabo bavuke umbhejazane bashaya laba abakha imijondolo bethi bazokwehlisa intego yokudayisa imizi yabo.
“Uma sibuza onogada ngokudiliza bathi batshelwe ukuthi abazokwakha kumele bakhe uma kuqala uSeptemba. Siyabona ukuthi yisu likamasipala leli lokuthi kuze kufika uSepthemba 1 okumele uye ngawo enkantolo uyophikisa lesi sivimbelo. Ubuholi baseThekwini benza ngamabomu namhlanje (esho izolo) bekumele sihlangane nemeya sizodingida lona lolu daba, umhlangano uhlehliswe ngomzuzu wokugcina,” kusho yena.
Uthe bayaziqhelelanisa nokushiswa kwebhasi, amaphoyisa awenze umsebenzi wawo.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uLt Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokucekela phansi impahla, bekungakaboshwa muntu.
UNksz Tozi Mthethwa okhulumela uMasipala weTheku ukugxekile ukuvalwa kwemigwaqo kule ndawo, wathi ngokophenyo abalwenzile lokhu kuhlangene nezakhamizi ezifuna ukwakha imijondolo ngodli eBonela neseMariannridge.
“Kufakwe amakhamera azokhombisa ukuthi akukho yini ukuphazamiseka emigwaqweni yakule ndawo,” kusho yena.