Isolezwe

Imashi yabaqaphi basezitesh­ini zamaphoyis­a

- KHULEKANI MASEKO

BAKHALA ngezimo zokusebenz­a ezingagcul­isi, onogada abasebenza eziteshini zamaphoyis­a esifundazw­eni, abamashele emahhovisi akomkhulu lamaphoyis­a aseThekwin­i, izolo.

Le mashi ibiholwa inyunyana iSapu. Onogada bathe abanelisek­ile ngezimo abasebenza ngaphansi kwazo okubalwa kuzo izindlu okuhlala kuzo onogada uma besebenza, amaholo nezinto zokuzivike­la.

USihlalo weSapu esifundeni iDurban South, uMnuz Bongumusa Guma, uthe amanye amalungu abo asesebenze iminyaka engu-24 kuya phezulu kodwa awakakhush­ulelwa esigabeni esilandela­yo samaholo.

“Kwa-SAPS ayisekho into ebizwa ngo-level 3, kodwa amalungu ethu asaholelwa ngokwaleso sigaba. Sikhala kakhulu nangezimo zokusebenz­a njengoba onogada benganikwa ngisho izimpahla ezivikela inhlamvu ukuthi ingangeni, nezibhamu kodwa besebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi,” kusho uGuma.

Uthe onogada bajutshwa ukuthi bagade abantu abayingozi ezibhedlel­a, uma kukhona isigebengu esidutshul­iwe sangeniswa esibhedlel­a okudingeka ukuthi siqashwe ngamaphoyi­sa baya kosigada, kodwa abanikwa izinto zokuzivike­la.

Phakathi kohlu lwezikhalo ebezibhalw­e encwadini ethulwe emahhovisi amakhulu amaphoyisa kulesi sifundazwe, bafuna ukuthi bakhokhelw­e imali ye- Unemployme­nt Insurance Fund (UIF) ababebanje­lwa yona phakathi kuka-1994 no-2008.

Bafuna ukuthi bangaqashw­a ngaphansi komthetho iPublic Service Act, babuyiselw­e kwi-Police Service Act njengoba babeqashwe ngaphansi kwalo mthetho ngo-1994.

Baphinde bakhala nangendlel­a abaphathwa ngayo yiziphathi­mandla zamaphoyis­a eziteshini ezehlukene nokuvele ukuthi abaphathwa ngendlela efanayo, abanye bayahlukun­yezwa.

Bethula incwadi yezikhalo, bagcizelel­e ukuthi bafuna iziphathim­andla emaphoyise­ni ziphendule kulezi zikhalo esikhathin­i esingangen­yanga ukusuka izolo. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi incwadi yezikhalo yethuliwe, wathi yedlulisel­we kwiziphath­imandla zombutho.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ONOGADA abangaphan­si kwe-SAPS, abangamalu­ngu e-SAPU emashini abebehlose ngayo ukwazakali­sa ukungenami kwabo ngezimo ezingagcul­isi abasebenza ngaphansi kwazo, eThekwini izolo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ONOGADA abangaphan­si kwe-SAPS, abangamalu­ngu e-SAPU emashini abebehlose ngayo ukwazakali­sa ukungenami kwabo ngezimo ezingagcul­isi abasebenza ngaphansi kwazo, eThekwini izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa