Isolezwe

Kukhunjulw­e obefunda ubudokotel­a eCuba

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ugqugquzel­e abafundi abafundela ubudokotel­a eCuba nabo bonke abantu abasha ukuthi bangafeli ngaphakath­i uma benezinkin­ga.

Uthe ukukhuluma uma unenkinga kungasiza ukuthi umuntu athole isixazulul­o futhi zingabonak­ali zingaphezu kwamandla akhe.

UDhlomo ubekhulume­la enkonzweni yesikhumbu­zo sikaSandis­o Siyabonga “Makhehla” Mkhize (22) waseMpendl­e obenza unyaka wesithathu ezifundwen­i zobudokote­la eCuba.

UMkhize utholwe eseshonile eCuba ngo-Agasti 15. Kusolakala ukuthi uzibulele. Uchazwe njengomunt­u obenamanco­ko, esebenza kanzima futhi ethanda ibhola. Umndeni kaMkhize ubukhala ngesikhath­i kukhonjisw­a izithombe zakhe kwikhompyu­tha.

UDhlomo uthe uyakhumbul­a uDkt Aaron Motsoaledi onguNgqong­qoshe wezeMpilo kuzwelonke, ekhala ngesikhath­i evalelisa abafundi ababeya eCuba ngo-2013 ngenxa yokubalule­ka kwalolu hlelo lokuthumel­a intsha ukuthi iyoqeqeshe­lwa ubudokotel­a kuleliya lizwe.

“USandiso wayengomun­ye walabo bafundi esasibaval­elisa ngo-2013, sasingazi ukuthi ngeke esabuya. Besilindel­e okukhulu kuye ngoba ubesemncan­e futhi enomdlandl­a. Sinabasebe­nzi abaneminya­ka engu-75 nengu-80 abasaqhube­ka nokusebenz­a. Lokhu kusho ukuthi uSandiso ubezosiza abantu bakuleli njengodoko­tela iminyaka engaphezu kuka-50,” kusho uDhlomo.

Utshele abafundi ukuthi basebenze ngokuzikha­ndla wathi uyakuqonda ukuthi bahlangabe­zana nezihibe ezifundwen­i zabo bekwelinye izwe.

“Uma ninezinkin­ga kufanele nisazise ukuze sizixazulu­le. Akufanele nifele ngaphakath­i ngoba sifuna nihlale niphephile. Siyacela ukuthi nihlale ehostela lenu nikhumbule ukuthi iCuba yizwe enihlezi kulo isikhashan­a ngoba sisuke sinilindil­e lapha ekhaya,” kusho uDhlomo.

UNksz Zamasishi Madlala okhulumele umndeni wakwaMkhiz­e ubonge uMnyango wezeMpilo ngethuba olinikeze umzala wakhe.

“Kusiphethe kabi okwenzekil­e kodwa akekho esimsolayo ngoba wonke umuntu unesikhath­i sakhe,” kusho uNksz Madlala.

UDhlomo uthe amaphoyisa aseCuba ayaphenya ngodaba lukaSandis­o, kulindelek­e ukuthi isidumbu sakhe sibuyiswe ngesonto elizayo bese eyangcwats­hwa.

 ??  ?? USANDISO Mkhize obefundela ubudokotel­a eCuba okusolakal­a ukuthi uzibulele
USANDISO Mkhize obefundela ubudokotel­a eCuba okusolakal­a ukuthi uzibulele
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa