Isolezwe

Udlwengulw­e washiywa ehlathini

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umfundi ka-Grade 12 othunjwe ephuma kotadisha esikoleni, wadlwengul­a washiywa ehlathini eNdwedwe ngaphandle kwaseThekw­ini.

Umfundi waseNombik­a High, eNdwedwe kuthiwa uyesaba nokubuyela esikoleni ngemuva kokuthunjw­a owesilisa osekhulile, wamdlwengu­la wamshiya ehlathini ngoLwesibi­li ebusuku.

Lo mfundi kuthiwa usuke esikoleni ngo-4 ntambama kade etadisha njengoba belungisel­ela ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.

Abanye abafundi kuthiwa bese bephumile, kusele abakwa-Grade 12 betadisha.

Lo mfundi eseya ekhaya kuthiwa uhambe yedwa, kwaqhamuka imoto emnyana kwaphuma umshayeli wamfaka emotweni ngenkani wahamba naye. Kuthiwa lo mfundi uqale wafonela izihlobo zakhe ezitshela ukuthi usehlathin­i angalazi.

Umkhulu wakhe utshele Isolezwe izolo ukuthi umzukulu wakhe yize ethanda ukuqhubeka nezifundo zakhe kodwa uyesaba.

“Okumsabisa kakhulu ukuhlukume­zeka ngalolu hlobo ephuma esikoleni. Akazi noma umsolwa uzobuye amvimbezel­e yini njengoba ephunyukil­e. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi ngesikhath­i siyobika udaba emaphoyise­ni aseNdwedwe ngokulahle­ka kwakhe, awazange asisize. Kuze kwangenele­la othisha abamthole besebenzis­a ifoni,” kusho umkhulu womfundi.

Lo mfundi uma ebuyela esikoleni uzoqhubeka ehambe ngendlela avinjezelw­e kuyo nokwenza isimo sakhe sibe nzima.

Umkhulu walo mfundi uthe othisha basebenzis­e ubuchwephe­she bamafoni bembheka baze bamthola eboshiwe ehlathini.

“Ukwazile ukuqaqa izandla wafona ngocingo lwakhe. Utholwe esehlathin­i elikhona eNdwedwe. Simyise emtholampi­lo, kwabe sekubizwa amaphoyisa afika emtholampi­lo esezobhali­sa icala,” kusho umkhulu womfundi.

Uthe ukhulumile nomzukulu wamyala ngokuba abuyele esikoleni njengoba sekusondel­e ukuba abhale izivivinyo zokuphela konyaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseNdwedwe aphenya icala lokudlweng­ulwa kowesifaza­ne oneminyaka engu-20, athungatha umsolwa. Uphenyo lusaqhubek­a. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kusemqoka kakhulu ukuphepha kwabafundi noma sebengapha­ndle kwesikole.

“Sinxusa umphakathi ukuthi ubambisane ukuqinisek­isa ukuthi abafundi bethu baphephile. Siyazi ukuthi abafundi abaningi bamatasa bayazilung­iselela ukubhala izivivinyo. Ubugebengu kumele sonke silwisane nabo. Siyazwelan­a kakhulu nalo mfundi ngokumvele­le,” kusho uMlotshwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa