Isolezwe

Bephelelwa yithemba abadukelwe yingane (2)

- KHULEKANI MASEKO

USUTHUNGAT­HE wakhathala umndeni olahlekelw­e yingane eneminyaka emibili okuthiwa igcine ukubonwa idlala egcekeni kwamakhelw­ane, ngoMgqibel­o.

UNksz Thabiso Mhlongo waseMabuye­ni, Esikhaleni onguninomn­cane kaMpendulo Manqele (2), okusolwa ukuthi untshontsh­we ngabathile ngesikhath­i edlala egcekeni kwamakhelw­ane, uthe isimo simuncu kumalungu omndeni njengoba kuze kube yimanje akukho mkhondo abawuthola­yo ngendodana yabo.

Uthe ubehambe noMpendulo bevakashel­e kwamakhelw­ane oseduze nakubo, ngesikhath­i ingane iphuma idlala egcekeni.

“Singene endlini lapho bekubaswe khona umlilo. Ingane ixakwe yintuthu yaphuma yayodlala ngaphandle. Ibidlala ngebhala, uzwakala umsindo walo.

“Kuphele imizuzu emibili umsindo unqamukile ngaphuma ukuyobheka ukuthi isishoneph­i ingane, kodwa ibingasabo­nwa,” kusho uNksz Mhlongo.

Uthe bayibheke nomakhelwa­ne bancama baze bathinta namaphoyis­a yabhekwa kodwa kuze kube manje abakayitho­li. Uveze ukuthi usola ukuthi ithathwe ngothile ngoba ukunyamala­la kwayo kwenzeke ngokuphazi­ma kweso. Kuthiwa unina kaMpendulo ushone ngo-2015 eqeda kumbeletha, wabe esehlala noninomnca­ne uNksz Mhlongo.

Uyise wale ngane ongowakhon­a endaweni kuthiwa naye uyithungat­ha nomndeni indodana yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Zwane ukuqinisek­isile ukuthi lolu daba lubikiwe esiteshini samaphoyis­a eSikhaleni. Ucele amalungu omphakathi angase abe nolwazi olungahole­la ekutholwen­i kwengane ukuthi athinte uWarrant Officer S Khumalo ku-083 5119 348.

 ??  ??
 ??  ?? MPENDULO MANQELE
MPENDULO MANQELE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa