Isolezwe

Usola isibhedlel­a ngobudeden­gu onqunywe umunwe

- LUNGI LANGA

ISOLA ubudedengu besibhedle­la iRK Khan indoda ethi igcine ibolelwe wumunwe wanqunywa ngoba ehlaliswe isikhathi eside engaluthol­i usizo.

UMnuz Sandile Doctor Duma wasClermon­t uthe uye esibhedlel­a ngeSonto emuva kokuthi elinyazwe yimoto esandleni walimala umunwe wokukhomba nomunwe ophakathi nendawo. Uthe isandla sakhe sigaxele esondweni lemoto yomzala wakhe ngesikhath­i eyisusa walimala.

Uthe umunwe wokukhomba yiwona obubukeka ungalimele kakhulu kodwa lona ophakathi nendawo bewuphukil­e. Lokhu kwenzeke ekuseni ngeSonto. Umzala wakhe ube esemphuthu­misa emtholampi­lo KwaDabeka. Emtholampi­lo abachithan­ga sikhathi bamtholela i-ambulensi eyamphuthu­misa esibhedlel­a iRK Khan.

“Ngesikhath­i sifika bathe angibambe ulayini ngilinde ukuthi ngivulelwe ikhadi. Ngaleso sikhathi bengisibon­a sibucayi isimo sami ngoba nezinhlung­u bese zingipheth­e ngoba imishanguz­o yezinhlung­u ebengiyini­kwe abezimo eziphuthum­ayo bese iphelile egazini. Phezu kwalokhu bengikhath­azwa wukuthi umunwe wami ophakathi nendawo bewuphukil­e futhi ngopha kakhulu.”

Uthe uhlale esibhedlel­a kwaze kwantambam­a waze wathola usizo emuva kwehora lesihlanu. Uthungwe umunwe wokukhomba wabhandish­wa, watshelwa ukuthi lona omunye uzofakwa insimbi ukuze ubuyiselwe esimeni. UDuma uthe utshelwe ukuthi udokotela ozokwenza lokho uzofika ngakusasa. Uthe ucele ukugoduka abuye ngakusasa ngesikhath­i esetshelwa ukuthi uzolala emabhentsh­ini ngoba ayikho imibhede.

“NgoMsombul­uko ngibuyele khona ngahlala usuku lonke kuthiwa akekho umuntu ozongisiza. Ngicele ukuthi ngivulwe ibhandishi ngibhekwe umunwe bathi lizozwe liqaqwe wudokotela. Ngigcine ngicele ukuphinde ngigoduke ngoba bathe uzoze afike ngakusasa futhi. Baphinde bathi ayikho imibhede.

“NgoLwesibi­li ngibuyele khona ngahlala kwaze kwashaya ihora leshumi ngingaluth­oli usizo ngase ngibona ukuthi kungcono ngiye e-Addington. Khona bathe uma bevula ibhandishi bathola ukuthi sekubolile. Bangitshel­a ukuthi kufanele bawunqamul­e umunwe ngoba ngeke usabuyisel­eka esimeni. Bathi bekungafan­ele ngihlale isikhathi eside kanje.”

Okhulumela umnyango wezeMpilo esifundazw­eni uMnuz Sam Mkhwanazi uthe udaba bazoludlul­isela kumxazulul­i wezinkinga zezempilo ukuze aluphenye esebenzisa ulwazi olukhona emnyangwen­i ngoba kubonakala sengathi kunokushay­isana phakathi kokusolwa kokuthiwa kwenzekile nokwenzeke ngempela ngesikhath­i kunakekelw­a isiguli. Uthe ulwazi abalutholi­le luthi isiguli safuna ukudedelwa ukuthi sigoduke yize sabe sesiyaliwe ngokwezemp­ilo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa