Injabulo izitshudeni ziya eSt Francisco
BASWELE amaphiko okundiza osomabhizinisi abathathu benkampani egqugquzela osomabhizinisi ukuthi ibadayisele imikhiqizo yabo elokishini, iSpani abathole ithuba elingandele bani lokuyoxoxa nabatshalizimali eSilicone Valley, eSt Francisco.
ISpani yinkampani yabafundi beNyuvesi yaseKapa oMnuz Patrick Machekera (22) owenza iziqu ze-BCom Economics neMarketing, Prince Nwedeyi (22) owenza iziqu ze-BCom Economics neMarketing noNtandoyenkosi Shezi (22) owenza ezeBSc Finance. Lezi zitshudeni zithole ithuba lokuya eSilicon Valley emuva kokunqoba umncintiswano ovundulula amasu azosebenza emabhizinisi obuchwepheshe obizwa nge-1 Giantleap.
UNwedeyi odabuka eQueens Town, e-Eastern Cape, utshele Isolezwe ukuthi wahlangana noPatrick odabuka eZimbabwe noNtandoyenkosi wasePort Shepstone ekilasini le-Economics njengoba benza izifundo ezicishe zifane. “Sakhetha ukuthi size nesu lebhizinisi elizoshintsha umnotho waselokishini likhangise nemikhiqizo ehlukene yakhona neyakwezinye izindawo. Amalokishi anemakethe ka-R600 billion enganakiwe yingakho size nalelisu.”
UMachekera uthe bayajabula ukuthola ithuba lokuya eSilicon Valley kodwa banokuthuka kancane ngoba kufanele bapholishe amasu abo.
“Kuthi asindize njengoba siya eSilicon Valley ngoba yindawo egcwele izinkampani zobuchwepheshe ezidumile futhi ezenza izinto ngendlela ehlukile. Kunabatshalizimali abangasabi ukufaka imali yabo emabhizinisini anekusasa eliqhakazile, sesiqalile ukuthuthukisa amasu ethu ebhizinisi ngoba sifuna esikushoyo kubahehe abatshalizimali,” kusho uMachereka.
Amazwi akhe ananelwe nguNwedeyi othe umncintiswano bawungenele ngoba befuna ukuthuthukisa umnotho wakuleli nokudala amathuba omsebenzi ngakho kufanele babahehe abatshalizimali.
UShezi uthe ezinyangeni eziyisithupha ezidlule ngesikhathi besungula inkampani yabo bebengenasi isiqiniseko sokuthi bazophumelela kodwa manje abazi nokuthi bathini ngokuwina kwabo.
“Sigxile ekuqiniseni ubudlelwano phakathi kwamakhasimende nemikhiqizo ayithandayo ukuze kudaleke amathuba omsebenzi ezindaweni zethu,” kusho uShezi.
I-1GIANTleap uthe ibasizile ngokubanika abantu ababacathulisile babakhombisa ukuthi kumele bayiphathe kanjani imali babanika namathuba okuthuthukisa ibhizinisi labo.
Lo mncintiswano wethulwe ngokusemthethweni NgoJuni 8 eGoli wase udlulela eKapa ugqugquzela osomabhizinizi namasu ahlukile ezobuchwepheshe kodwa azothuthukisa imiphakathi yakuleli.
Amajaji alo mcintiswano bekungoMnuz Llew Claasen weNewtown Partners, Mnuz Matthew Barclay onguMqondisi eMeltwater Africa, Mnuz Clive Butkow oyisikhulu esiphezulu eKalon Venture Partners, uSolwazi Barry Dwolatzky ongumsunguli weTshimologong nowayiyiNhloko yakwaGoogle uMnuz Stephen Newton.
UBarclay uthe iSpani yinkampani yabantu abakwaziyo ukubona amathuba futhi okumjabulisayo wukuthi isikwazile ukungenisa u-R150 000 esikhwameni sayo yize isanda kusungulwa.