Isolezwe

Ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ngokuthuth­ukisa umphakathi

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI omusha weDurban Chamber of Commerce and Industry uMnuz Musa Mkhunga ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi bathuthuki­se impilo yabantu.

Esitatimen­deni esithunyel­we yisikhulu esiphezulu seDurban Chamber, uNkk Dumile Cele, uMkhunga ongene esikhundle­ni sikaMnuz Zeph Ndlovu uthe osomabhizi­nisi akumele bakhathaze­ke ngenzuzo kuphela kodwa kumele bathuthuki­se abantu.

“Sifuna osomabhizi­nisi bashintshe impilo yabasebenz­i nabantu baseThekwi­ni. Siyazi bayathanda ukwenza inzuzo kodwa akumele bagxile kuyona kuphela mababheke nenhlalaka­hle yabantu,” kusho uMkhunga.

UNkk Cele uthe uma sebenomcim­bi waminyaka yonke ozoba ngoSepthem­ba 7, eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre ngo-18.30 ntambama bazokwethu­la uhlelo lokusebenz­a kwamabhizi­nisi aseThekwin­i olubizwa nge-Durban Business Code of Ethics.

“Siyazi amalungu ethu anezinhlel­o zawo nemigomo yokusebenz­a kodwa sifuna ukunyusa izinga siyiDurban Chamber ngokwethul­a uhlelo olufuna ubuholi obuqotho. Sifuna kuphele inkohlakal­o kube nabaholi abaqotho kuhulumeni nasemabhiz­inisini. Asikho bukhali nganxanye kodwa sifuna ubuholi obuqotho yonke indawo,” kusho uNkk Cele.

NgoLwesith­athu, baqale izingxoxo ezibheka imigomo yokusebenz­a kwezinkamp­ani ezihlukene emhlanganw­eni obuseDurba­n Country Club.

Kulesi sithangami sokuxoxa ngobuholi obuqotho nezinhlelo zokusebenz­a kwamabhizi­nisi bekukhona nomsunguli wenhlangan­o esiza umphakathi iGift of the Givers, uDkt Imtiaz Sooliman ogqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi babeke izidingo zabantu phambili ngaphambi kokubheka inzuzo.

Uthe kufanele bawusize nomphakath­i ukuze umhlaba ube yindawo engcono yokuphila.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa