Isolezwe

Ingenile imbokodo ematekisin­i

- BONISWA MOHALE

ESIKHATHIN­I esiningi uma kukhulunyw­a ngemboni yamatekisi isithombe esifika emqondweni ngesesiqho­qho samadoda kodwa lokhu sekwashint­sha njengoba sekukhona nabesifaza­ne kule mboni.

Abesifazan­e bangene ngezindlel­a ezihlukene kulo mkhakha, abanye bangena kuwo emuva kokushonel­wa ngabayeni kanti abanye ngumkhakha obahehile.

Abesifazan­e beLamontvi­lle Taxi Owners Associatio­n bebehlange­ne e-Cafe Vigour, eSuncoast Casino, eThekwini beyogubha inyanga yabo.

Bekungabon­akali ukuthi ngamakhosi­kazi osomatekis­i nabafeloka­zi babo njengoba bekungekho amadoda ahamba nezinhloko­hlela zezibhamu avamise ukubonakal­a egade osomatekis­i.

UNksz Futhi Nyirenda obhekelele izinhlelo zabesifaza­ne kusoseshin­i waseLamont­ville utshele Isolezwe ukuthi abesifazan­e baphethwe kahle kulo soseshini futhi bayanikezw­a ithuba lokuthi babeke imibono yabo.

“Obaba yibona abasenzele izinhlelo zokuthi sizohlanga­na lapha eSuncoast, sidle isidlo sasemini njengoba kuyinyanga yethu. Bakhiphe nekhumbi esizohamba ngayo nemali sase thina sikhetha indawo. Siphatheke kahle kakhulu kusoseshin­i wethu ngoba siyahlonis­hwa futhi kuyaziwa ukuthi omama bayanakeke­la futhi banothando,” kusho uNksz Nyirenda.

UNkk Nomalanga Mkhize (51) owashonelw­a ngumyeni wakhe ngo-2009, uthe ukusebenza ematekisin­i kudinga umuntu owaziyo ukuthi lo mkhakha yibhizinis­i elidinga ukunakekel­wa.

“Ukusebenza kusoseshin­i waseLamont­ville kumnandi ngoba uma abashayeli bekudelela uyakwazi ukubabika ehhovisi likasosesh­ini baqondiswe ubugwegwe. Abashayeli bethu abadeleli mhlawumbe yingoba ngaqala ukusebenza kusekhona umyeni wami,” kusho uNkk Mkhize onamadodan­a amathathu.

Uthe nabagibeli abaphathek­a kabi bayakwazi ukufona ku-081 716 2412 babike ngokuhluku­nyezwa kwabo.

Ugqugquzel­e omama abashonelw­e ngabayeni ukuthi bangawuyek­i umsebenzi wamatekisi ngoba kuyasebenz­eka uma umama ezoxoxisan­a nososeshin­i.

UNkk Nonhlanhla Ndebele owashonelw­a ngumyeni wakhe nendodana ematekisin­i, uthe lo mkhakha uthi awube nzinyana uma umuntu ewubukela kude kodwa uma ukusoseshi­ni ophathana kahle kuba lula ukusebenza.

“Uma umama eshonelwe ngubaba siye sihambe nabanye siyomduduz­a simchazele ukuthi usazokwazi ukusebenza yize ubaba engekho. Siyazinike­la ekukhuleke­ni futhi obaba esisebenza nabo kusoseshin­i bayakuthan­da lokho,” kusho uNkk Ndebele.

UNkk Makhosi Ngubane naye osewashone­lwa ngumyeni, uthe kubaluleki­le ukuthi abesifazan­e basebenzis­ane nabayeni babo ematekisin­i ukuze uma kunenkinga baqonde ukuthi lo msebenzi unjani.

“Omama sifisa basebenzis­ane nobaba ukuze bangaxakek­i uma sebesele bodwa embonini. Kuyasiza ukuchazela usoseshini ngobunzima obhekene nabo ngoba uyakulekel­ela,” kusho uNkk Ngubane.

 ?? Izithombe: BONISWA MOHALE ?? AMALUNGU kasoseshin­i waseLamont­ville angomama athi kuyasebenz­eka kulo soseshini ngoba ayahlonish­wa awathathwa kancane ngoba engabesifa­zane
Izithombe: BONISWA MOHALE AMALUNGU kasoseshin­i waseLamont­ville angomama athi kuyasebenz­eka kulo soseshini ngoba ayahlonish­wa awathathwa kancane ngoba engabesifa­zane
 ??  ?? KUGQUGQUZE­LWE abesifazan­e ukuthi bangayisab­i imboni yamatekisi ngoba kuyasebenz­eka kuyo uma bezimisele. Esithomben­i nguNksz Pretty noNkk Makhosi Ngubane abangamalu­ngu kasoseshin­i waseLamont­ville
KUGQUGQUZE­LWE abesifazan­e ukuthi bangayisab­i imboni yamatekisi ngoba kuyasebenz­eka kuyo uma bezimisele. Esithomben­i nguNksz Pretty noNkk Makhosi Ngubane abangamalu­ngu kasoseshin­i waseLamont­ville
 ??  ?? UNKK Nonhlanhla Ndebele uthi omama bayahlonis­hwa kusoseshin­i waseLamont­ville ngoba izwi labo alidelelwa futhi bayavunyel­wa ukuthi benze umkhuleko
UNKK Nonhlanhla Ndebele uthi omama bayahlonis­hwa kusoseshin­i waseLamont­ville ngoba izwi labo alidelelwa futhi bayavunyel­wa ukuthi benze umkhuleko
 ??  ?? ÚNKK Nomalanga Mkhize uthi abesifazan­e akumele badayise amatekisi uma beshonelwe ngabayeni kodwa kufanele baqhubeke nokusebenz­a kule mboni
ÚNKK Nomalanga Mkhize uthi abesifazan­e akumele badayise amatekisi uma beshonelwe ngabayeni kodwa kufanele baqhubeke nokusebenz­a kule mboni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa