Isolezwe

Kuvikelwa abesifazan­e ematekisin­i

- NONI MOKATI

KWETHULWE uhlelo lokuvikela abesifazan­e ematekisin­i emuva kokwanda kwezigamek­o zokuhlasel­wa kwabo, eGauteng.

NgoLwesith­athu, abesifazan­e ngokubambi­sana nosomateki­si, iSoul City Institute for Social Justice bethule ngokusemth­ethweni uhlaka olubizwa ngeNationa­l Taxi Charter for Women #SaferTaxis­Now.

UNkk Matokgo Makutoane weSoul City Institute uthe bafuna abesifazan­e baphephe ematekisin­i.

“Sihlale sizwa ukuthi abesifazan­e badlwengul­iwe, bathunjwa bahlaselwa besemateki­sini. Sifuna uphele lo mkhuba ngoba sebeyasaba ukugibela amatekisi,” kusho uNkk Makutoane.

UMnuz Theo Malele weNational Taxi Alliance uthe abashayeli bamatekisi banakho ukucwasa abesifazan­e ngendlela abanqoka ngayo yingakho nabo bebafundis­a ngokubalul­eka kokuhlonip­ha abesifazan­e.

“Uma abesifazan­e becwaswa ematekisin­i noma emarenke kufanele basibikele. Ngeke sibabekeze­le abashayeli abangahlon­iphi. Sifuna abesifazan­e baphephe ematekisin­i ethu ngoba bangabapha­thi bethu ngaphandle kwabo singalala singadlile,” kusho uMalele.

Lo mkhankaso wethulwe eSoweto kanti uNkk Mmakatlego Wamphutlan­e weTownship Women’s Forum uthe abesifazan­e bavamise ukubekezel­a uma becwaswa wathi kodwa lokhu kufanele kuphele ngoba akwamukeki­le.

UNkk Thuli Ngubane one-website etholakala kumaselula i-Amandla. com uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi abesifazan­e abazizwa bephephile ematekisin­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa