Isolezwe

Abebebhiki­sha eMariannri­dge bazokwakhe­lwa

- BONISWA MOHALE

BAZOKWAKHE­LWA izindlu ezingu-500 abantu baseMarian­nridge abavimbe imigwaqo engenela eDassenhoe­k, Tshelimnya­ma noya esibhedlel­a iSt Marys esibizwa ngokuthi yiRoma eduze kwasePinet­own.

Lezi zindaba zivezwe ngungqongq­oshe wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay obeyohlang­ana nabantu baseMarian­nridge osekuphele izinsuku ezintathu bebhikisha.

“NgoSepthem­ba 14 sizoqala uhlelo lokwakha izindlu eMariannri­dge, zingu-500 izindlu okulindele­ke ukuthi zakhiwe. Kuzophinde kuthuthuki­swe nesimo samaflethi kahulumeni abantu abakhala ngaso,” kusho uPillay.

Ucele abantu ukuthi bayeke ukuvala imigwaqo uma kukhona abanganeme ngakho esho nokuthi ukudicilel­a phansi impahla kahulumeni kuyicala.

“Siyacela ukuthi nixoxisane nezinhlaka ezifanele uma kukhona eninganeme ngakho, ningawudli umhlaba kahulumeni osuke ubekelwe intuthuko ngoba lokho kusibuyise­la emuva,” kusho uPillay.

NgoLwesith­athu, abantu baseDassen­hoek, Tshelimnya­ma, Klaarwater naKwaNdeng­ezi bathwale kanzima ekuseni njengoba imigaqo ibivalwe ngamathayi avuthayo namatshe kwaphinde kwashiswa namarobhot­hi.

Abasebenzi neziguli ebeziya eRoma zithwale kanzima njengoba bekuvalwe nendlela eya kulesi sibhedlala.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede nayo icele abantu ukuthi bangadicil­eli phansi impahla uma bekhala ngezidingo ngoba lokhu kubambezel­a izinhlelo zentuthuko.

Amaphoyisa athe akekho oboshiwe embhikishw­eni waseMarian­nridge.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa