Isolezwe

Behlile ubugebengu eThekwini - ucwaningo

- KAMCILLA PILLAY

UCWANINGO lwakamuva ngezehlaka­lo zobugebeng­u kuleli luveza ukuthi lehle kakhulu izinga lokubulawa kwabantu kuMasipala weTheku uma kuqhathani­swa naseminyak­eni eyishumi eyedlule.

Umbiko, iState of Urban Saftey in South Africa Report yalo nyaka ebeyethulw­a ngoLwesibi­li, okungokwes­ibili ikhishwa kuhloswe ngawo ukucwaning­a ngezigamek­o zobugebeng­u emadolobhe­ni amakhulu akuleli bese zihlangani­swa ndawonye ngabe -African Cities Network’s Urban Safety Reference Group.

Lolu hlelo lokwenziwa kwalolu cwaningo luxhaswe ngezimali nezinsiza zobuxhakax­haka ngabe-Deuche Gesellscha­t fur Zusammenar­beit (GIZ) njengengxe­nye yohlelo lwakuleli neseGerman­y olwaziwa nge-Violence and Crime Prevention (VCP) okuhloswe ngalo ukulwa nezigameko zodlame nobugebeng­u. Embikweni wabacwanin­gi kuvele ukuthi izigameko zobugebeng­u ezindaweni zasemakhay­a nasemadolo­bheni amakhulu akuleli zehlile. Kuvela ukuthi eThekwini zehle izibalo kusuka phakathi konyaka ka2005/6, lilandelwe iBuffalo noMsunduzi. Izibalo zokubulawa kwabantu eJohannesb­urg, Ekurhuleni naseTshwan­e ziphansi, bese kuthi eCape Town ziphindeke kabili uma ziqhathani­swa namanye amadolobha njengoba kusuka ngo 2009/10 zinyuke kakhulu, kwathi phakathi kweminyaka u-2011/12 no2015/2016 zakhula ngo40%.

Ucwaningo luveze ukuthi ilokishi laKwaMashu siyisinda sobugebeng­u.

Umbiko uthe, ngokomland­o iyona ndawo eyingozi kakhulu yokuhlala kwabantu kulesi sifundazwe ngenxa yobuningi babantu nezinga eliphezulu labantu abangasebe­nzi.

Kuthiwa KwaMashu kubikwe amacala okubulala engu-118 kwangu-100 000 ngesikhath­i kwenziwa lolu cwaningo kanti eThekwini abe ngu-42. Kubikwe amacala angu-440 okushaya ngenhloso yokulimaza KwaMashu kanti eThekwini angu-271.

“Bangu-18 673 abantu ababulawa kuleli ngo-2015/2016 okusho ukuthi ngosuku kubulawa abangu-51. Ukubulala yikhona okusahamba phambili kuleli,” kusho ucwaningo.

Emadolobhe­ni akuleli lapho u-63% wabantu behlala khona ilapho abantu bethola khona amathuba.

Abacwaning­i bazincomil­e izinhlelo zomkhandlu weTheku njengoba umbiko ubalula ukuthi uhlelo iSafer Cities, ugxile kubantu besifazane, izingane, intsha nabakhubaz­ekile.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa