Behlile ubugebengu eThekwini - ucwaningo
UCWANINGO lwakamuva ngezehlakalo zobugebengu kuleli luveza ukuthi lehle kakhulu izinga lokubulawa kwabantu kuMasipala weTheku uma kuqhathaniswa naseminyakeni eyishumi eyedlule.
Umbiko, iState of Urban Saftey in South Africa Report yalo nyaka ebeyethulwa ngoLwesibili, okungokwesibili ikhishwa kuhloswe ngawo ukucwaninga ngezigameko zobugebengu emadolobheni amakhulu akuleli bese zihlanganiswa ndawonye ngabe -African Cities Network’s Urban Safety Reference Group.
Lolu hlelo lokwenziwa kwalolu cwaningo luxhaswe ngezimali nezinsiza zobuxhakaxhaka ngabe-Deuche Gesellschat fur Zusammenarbeit (GIZ) njengengxenye yohlelo lwakuleli neseGermany olwaziwa nge-Violence and Crime Prevention (VCP) okuhloswe ngalo ukulwa nezigameko zodlame nobugebengu. Embikweni wabacwaningi kuvele ukuthi izigameko zobugebengu ezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni amakhulu akuleli zehlile. Kuvela ukuthi eThekwini zehle izibalo kusuka phakathi konyaka ka2005/6, lilandelwe iBuffalo noMsunduzi. Izibalo zokubulawa kwabantu eJohannesburg, Ekurhuleni naseTshwane ziphansi, bese kuthi eCape Town ziphindeke kabili uma ziqhathaniswa namanye amadolobha njengoba kusuka ngo 2009/10 zinyuke kakhulu, kwathi phakathi kweminyaka u-2011/12 no2015/2016 zakhula ngo40%.
Ucwaningo luveze ukuthi ilokishi laKwaMashu siyisinda sobugebengu.
Umbiko uthe, ngokomlando iyona ndawo eyingozi kakhulu yokuhlala kwabantu kulesi sifundazwe ngenxa yobuningi babantu nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.
Kuthiwa KwaMashu kubikwe amacala okubulala engu-118 kwangu-100 000 ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo kanti eThekwini abe ngu-42. Kubikwe amacala angu-440 okushaya ngenhloso yokulimaza KwaMashu kanti eThekwini angu-271.
“Bangu-18 673 abantu ababulawa kuleli ngo-2015/2016 okusho ukuthi ngosuku kubulawa abangu-51. Ukubulala yikhona okusahamba phambili kuleli,” kusho ucwaningo.
Emadolobheni akuleli lapho u-63% wabantu behlala khona ilapho abantu bethola khona amathuba.
Abacwaningi bazincomile izinhlelo zomkhandlu weTheku njengoba umbiko ubalula ukuthi uhlelo iSafer Cities, ugxile kubantu besifazane, izingane, intsha nabakhubazekile.