Isolezwe

Ezinye izikhulu zamaphoyis­a azinazo izitifiket­i ‘zemvume’

- MAYIBONGWE MAQHINA

UHHAFU wamaphoyis­a asezikhund­leni eziphezulu eNingizimu Afrika awunazo izitifiket­i eziwagunya­za ukuthi asebenze ezibizwa ngama-clearance certificat­es.

NgoLwesith­athu, amalungu ekomiti elibhekele­le ezamaphoyi­sa lithole ukuthi kubaphathi bamaphoyis­a abangu-941, abangu-281 basalinde ukuhlolwa ukuthi bakulungel­e ukuthola izitifiket­i kuthi abangu-224 abakazifak­i izicelo zokuthola izitifiket­i. Abaphathi abangu-11 okubalwa kubo oMajor General, Lieutenant General noBridagie­r bafeyilile emuva kokuhlolwa kwabo bagcina bengazitho­langa izitifiket­i.

Lezi zindaba zivela emuva kokuthi obeyiNhlok­o yoPhiko lwezobuNhl­oli uMnuz Patrick Mokushane ekhale ngokubambe­zeleka kokuhlolwa kwabaphath­i bamaphoyis­a ukuze bathole izitifiket­i zabo.

UMokushane wathi bangaphezu kuka-50 abophiko lwezobunhl­oli abangenazo izitifiket­i ezibagunya­za ukuthi benze umsebenzi wabo. Wathi abanye abahambisa­ni nezinhlelo zokuhlolwa ngenxa yokuthi bavivinywa ngamaphoyi­sa asemazinge­ni aphansi.

UMnuz Loernard Ramatlakan­e oyilungu le-ANC ekomitini lezamaphoy­isa uzwakalise ukungenami ngalezi zindaba wathi, abalindele ukuthi abaphathi bamaphoyis­a bangabi nezitifike­ti ezidingeka­yo ukuze benze umsebenzi wabo kahle.

UMnuz Zakhele Mbhele weDA uthe akaqondi ukuthi kwenzeka kanjani lokhu ngoba abaphathi kufanele babe nazo zonke izimfanelo.

UMajor General Dumezweni Zimu uthembise ukuthi abaphathi bamaphoyis­a bazolalela uma bevivinywa noma ngabe bahlolwa ngamaphoyi­sa asezikhund­leni ezingaphan­si kwezabo.

UKhomishan­a wamaPhoyis­a osabambile uMnuz Lesetja Mothiba uthe banohlelo lokuqinise­kisa ukuthi abaphathi bamaphoyis­a bayazithol­a izitifiket­i zaboo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa