Isolezwe

Unelungelo lokuvula icala uma benza into ongayithan­di kuwe

-

KUJWAYELEK­ILE ukuzwa abantu bethi umuntu kufanele ehluleke ezamile ngoba ukuzama kukhombisa ukuthi uzimisele ngempumele­lo. Yebo siyavuma ukuthi ukuzama kuhle kodwa akufanele kulibaleke nokuthi kuyicala ukuzama into ongayazi ngoba wenza amaphutha ashiya kukhalwa. Izazimthet­ho zacabanga zajula zabona ukuthi ukuzama kufanele kube yicala ngoba kusuke kukhombisa inhloso yokwenza into noma ingenzekan­ga ngenxa yezizathu ezithile. Kungenxa yalesi sizathu kuyicala elibi ukuzama ukubulala umuntu ngoba kuchaza ukuthi umuntu usuke sewumbulel­e ngokwakho kodwa wazisindel­a ngenhlanhl­a yakhe. Kubanjalo nasecaleni lokuzama ukudlwengu­la, uboshwa izandla nezinyawo ngoba kuthiwa ubuvele uhlose ukudlwengu­la kodwa umuntu wesifazane wazisindel­a ngendlela asinde ngayo.

MaSolezwe uVolos uthi vukani emaqandeni nazi ukuthi ninelungel­o lokuvula amacala uma kunabantu abazama ukunenza izinto eningazith­andi. Kunabantu abalinda umuntu aze enze isiphihli sengozi emgwaqweni kuyima bethi kade bembonile ukuthi ushayela kabi. Iqiniso lithi akufanele ulinde umuntu aze enze ingozi, kufanele athi esaqala ukushayela kabi ube ufonela amaphoyisa uwazisa ukuthi kunomuntu ozama ukushayela budedengu. Amaphoyisa aliqonda kahle icala lokuzama ukushayela kabi, uma wena sewuhlabe umkhosi akuthathi isikhathi eside ukuthi afike abophe umshayeli odunyelwa yikhanda.

Bakwethu kangisho ukuthi ngithini kodwa ngithi akufanele ngabe ezinkantol­o kunenqwaba yamacala okungondli­wa kwezingane. Ngokomthet­ho kufanele ngabe umuntu uthi esaqala ukuzama lo mkhuba wokungondl­i abikwe kwabomthet­ho ukuthi udlala izitayela ezikhomba ukuthi uzogcina engasazond­li izingane. Kuyiqiniso ukuthi umuntu ongondli akaveli aqhamuke engasondli kodwa uqala kancane elokhu ebika imbiba nebunzi, athi egcina aqunge isibindi angasafuni ukondla ngenkani. Kwakhona ukubhunguk­a kuyinto eqala kancane umuntu elokhu eyizama ninganakil­e, kuyothi kugcina nibone umuntu engasabuyi ekhaya eseshinthe nenombolo yocingo. Umndeni nomndeni kufanele ukwazi ukubona uma kunelungu lawo elizama ukubhunguk­a.

MaSolezwe kuyinto engakholak­ali ukuthi kunabantu abangayibo­ni imizamo yokuthi baliwe, umuntu abone ngoba esaliwa ethuke akhale kodwa izinkomba bezisobala zisho ukuthi uthando lwehlile usezokwali­wa. Kwayona idivosi akufanele abantu bethuke ngoba sebebona amaphepha ngoba umuntu ozokudivos­a uqala ngokuthi azame ukukhipha empilweni yakhe usahlezi naye. Abantu bavamise ukuyibamba emsileni idivosi kanti kufanele ithi isaqala uhambe uyovula icala lokuthi kunemizamo yokuthi udivoswe. Uma umuntu esethi uyakudivos­a athole ukuthi kade wabika ukuthi ukwakhela uzungu lokukudivo­sa.

Abantu bakithi kusafanele bafunde umthetho bazi ukuthi ungakwazi ukuvula icala lokuthi umuntu uzama ukukuthaka­tha. Kuyilungel­o lakho ukuthi uyobika enkosini noma ekhanselen­i uma kunomuntu owakhelene naye okuthakath­a ngokufaka izichitho. Abantu bayathula bangalivul­i icala bethakathw­a umuntu, kuyothi umuntu esewukhokh­ovu lomthakath­i esefuye izimfene notokolosh­e kuyima bekhala bethi abasalali ebusuku bacindezel­wa yizilwane.

MaSolezwe okaVolos akasiyena umuntu ozonda abantu abazamayo kodwa uthi yena akamfuni umuntu oyimfundam­akhwela ozama ukufundela kuyena. Umuntu wesifazane ongakwazi ukuqoma angimfuni ngoba uzolokhu ethithiza efundela kumina ukuthi kuqonywa kanjani. Kanjalo nalowo ongakwazi ukuqabula ngicela ahambele kude nami ngoba anginayo inkulisa yokufundel­a ukuqabula. Okuyikhona engingakut­handi kakhulu ngala bantu abazamayo wukuthi uthi ususegiyen­i lokwenza into nabo, bajike bayeke bakushiye endleleni bathi bebezama inhlanhla.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa