Unelungelo lokuvula icala uma benza into ongayithandi kuwe
KUJWAYELEKILE ukuzwa abantu bethi umuntu kufanele ehluleke ezamile ngoba ukuzama kukhombisa ukuthi uzimisele ngempumelelo. Yebo siyavuma ukuthi ukuzama kuhle kodwa akufanele kulibaleke nokuthi kuyicala ukuzama into ongayazi ngoba wenza amaphutha ashiya kukhalwa. Izazimthetho zacabanga zajula zabona ukuthi ukuzama kufanele kube yicala ngoba kusuke kukhombisa inhloso yokwenza into noma ingenzekanga ngenxa yezizathu ezithile. Kungenxa yalesi sizathu kuyicala elibi ukuzama ukubulala umuntu ngoba kuchaza ukuthi umuntu usuke sewumbulele ngokwakho kodwa wazisindela ngenhlanhla yakhe. Kubanjalo nasecaleni lokuzama ukudlwengula, uboshwa izandla nezinyawo ngoba kuthiwa ubuvele uhlose ukudlwengula kodwa umuntu wesifazane wazisindela ngendlela asinde ngayo.
MaSolezwe uVolos uthi vukani emaqandeni nazi ukuthi ninelungelo lokuvula amacala uma kunabantu abazama ukunenza izinto eningazithandi. Kunabantu abalinda umuntu aze enze isiphihli sengozi emgwaqweni kuyima bethi kade bembonile ukuthi ushayela kabi. Iqiniso lithi akufanele ulinde umuntu aze enze ingozi, kufanele athi esaqala ukushayela kabi ube ufonela amaphoyisa uwazisa ukuthi kunomuntu ozama ukushayela budedengu. Amaphoyisa aliqonda kahle icala lokuzama ukushayela kabi, uma wena sewuhlabe umkhosi akuthathi isikhathi eside ukuthi afike abophe umshayeli odunyelwa yikhanda.
Bakwethu kangisho ukuthi ngithini kodwa ngithi akufanele ngabe ezinkantolo kunenqwaba yamacala okungondliwa kwezingane. Ngokomthetho kufanele ngabe umuntu uthi esaqala ukuzama lo mkhuba wokungondli abikwe kwabomthetho ukuthi udlala izitayela ezikhomba ukuthi uzogcina engasazondli izingane. Kuyiqiniso ukuthi umuntu ongondli akaveli aqhamuke engasondli kodwa uqala kancane elokhu ebika imbiba nebunzi, athi egcina aqunge isibindi angasafuni ukondla ngenkani. Kwakhona ukubhunguka kuyinto eqala kancane umuntu elokhu eyizama ninganakile, kuyothi kugcina nibone umuntu engasabuyi ekhaya eseshinthe nenombolo yocingo. Umndeni nomndeni kufanele ukwazi ukubona uma kunelungu lawo elizama ukubhunguka.
MaSolezwe kuyinto engakholakali ukuthi kunabantu abangayiboni imizamo yokuthi baliwe, umuntu abone ngoba esaliwa ethuke akhale kodwa izinkomba bezisobala zisho ukuthi uthando lwehlile usezokwaliwa. Kwayona idivosi akufanele abantu bethuke ngoba sebebona amaphepha ngoba umuntu ozokudivosa uqala ngokuthi azame ukukhipha empilweni yakhe usahlezi naye. Abantu bavamise ukuyibamba emsileni idivosi kanti kufanele ithi isaqala uhambe uyovula icala lokuthi kunemizamo yokuthi udivoswe. Uma umuntu esethi uyakudivosa athole ukuthi kade wabika ukuthi ukwakhela uzungu lokukudivosa.
Abantu bakithi kusafanele bafunde umthetho bazi ukuthi ungakwazi ukuvula icala lokuthi umuntu uzama ukukuthakatha. Kuyilungelo lakho ukuthi uyobika enkosini noma ekhanseleni uma kunomuntu owakhelene naye okuthakatha ngokufaka izichitho. Abantu bayathula bangalivuli icala bethakathwa umuntu, kuyothi umuntu esewukhokhovu lomthakathi esefuye izimfene notokoloshe kuyima bekhala bethi abasalali ebusuku bacindezelwa yizilwane.
MaSolezwe okaVolos akasiyena umuntu ozonda abantu abazamayo kodwa uthi yena akamfuni umuntu oyimfundamakhwela ozama ukufundela kuyena. Umuntu wesifazane ongakwazi ukuqoma angimfuni ngoba uzolokhu ethithiza efundela kumina ukuthi kuqonywa kanjani. Kanjalo nalowo ongakwazi ukuqabula ngicela ahambele kude nami ngoba anginayo inkulisa yokufundela ukuqabula. Okuyikhona engingakuthandi kakhulu ngala bantu abazamayo wukuthi uthi ususegiyeni lokwenza into nabo, bajike bayeke bakushiye endleleni bathi bebezama inhlanhla.