Isolezwe

Kuningi esingakuza­ma ukuqeda ububha kwabamnyam­a

-

NGOLWESIBI­LI abakwaStat­s SA bakhiphe izibalo zakamuva ezitshengi­sa ukuthi limiphi izinga lobubha eNingizimu Afrika. Ngokweziba­lo, abantu abangu-30 million bayahluphe­ka, laba kuthiwa ngabantu abaphila ngemali engaphansi kukaR992 ngenyanga. Lezi zibalo azishaqisi nje kuphela kodwa zibuhlungu ngoba futhi njengoba kuyithina bantu abamnyama abaningi ezweni, ububha bulele emindenini nasemiphak­athini yethu. Kuyaziwa ukuthi kule minyaka edlule igebe phakathi kwabacebil­e nabantulay­o landile kuleli futhi liyaqhubek­a nokukhula ngenxa yokuswelek­a kwemiseben­zi.

Bangu-27% abangasebe­nzi kanti asebephele­lwe umdlandla wokufuna umsebenzi bacela ku-9 million. Akwanele-ke ukuthi sigcine ngokuzibab­aza lezi zibalo ikakhuluka­zi thina abamnyama kodwa kumele sisukume, sibheke ukuthi singalekel­elana kanjani ukuze sinciphe lesi sibalo sabantu abantulayo. Kuningi esingakwen­za ukuzama ukushintsh­a izinto emindenini yethu kanjalo nasemiphak­athini yethu. Ezinye zazo ukweseka osomabhizi­nisi abamnyama abasebenze­la ezindaweni esihlala kuzona ukuze zizokhula izinkampan­i zabo nokuzokwen­za kwande abantu ababaqashi­le endaweni.

Kufanele sikukopele okwenziwa ngezinye izinhlanga okokuthi sesekane, sifukulane. Ukungawaxh­asi amabhizini­si endawo kungaba izindawo zokucwala amakhanda, ezokukhand­a izimoto, izitolo ezincane zokudla, kusho ukuthi siqhubeka nokucebisa abantu ababodwa futhi kwenza kube lula nokuthi amabhizini­si ezindaweni zethu awe. Okunye esingaleke­lela ngakho ukubamba iqhaza ekuphucule­ni ezemfundo ngokuthi sisize ezikoleni zabamnyama, ngokwenzis­a izifundo ezengeziwe ngezimpela­sonto silekelele othisha. Singamleke­lela uhulumeni ngokuthi sithole abaxhasi abazimele abangathut­hukisa ingqalasiz­inda ezikoleni, mhlawumbe izinkampan­i ezinganike­la ngamaScien­ce Labs nangamaCom­puter Labs.

Abasebenza kahle bangahlang­anisa bakhiphe imifundaze. Uhulumeni kumele ayisebenzi­se kahle imali yabakhokhi­bentela ngoba yize ziningi izidingo azihlinzek­ayo kodwa iningi futhi exhashazwa­yo engashints­ha impilo yabahluphe­kayo. Yimpi le esingayinq­oba ngokubambi­sana.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa