Kuningi esingakuzama ukuqeda ububha kwabamnyama
NGOLWESIBILI abakwaStats SA bakhiphe izibalo zakamuva ezitshengisa ukuthi limiphi izinga lobubha eNingizimu Afrika. Ngokwezibalo, abantu abangu-30 million bayahlupheka, laba kuthiwa ngabantu abaphila ngemali engaphansi kukaR992 ngenyanga. Lezi zibalo azishaqisi nje kuphela kodwa zibuhlungu ngoba futhi njengoba kuyithina bantu abamnyama abaningi ezweni, ububha bulele emindenini nasemiphakathini yethu. Kuyaziwa ukuthi kule minyaka edlule igebe phakathi kwabacebile nabantulayo landile kuleli futhi liyaqhubeka nokukhula ngenxa yokusweleka kwemisebenzi.
Bangu-27% abangasebenzi kanti asebephelelwe umdlandla wokufuna umsebenzi bacela ku-9 million. Akwanele-ke ukuthi sigcine ngokuzibabaza lezi zibalo ikakhulukazi thina abamnyama kodwa kumele sisukume, sibheke ukuthi singalekelelana kanjani ukuze sinciphe lesi sibalo sabantu abantulayo. Kuningi esingakwenza ukuzama ukushintsha izinto emindenini yethu kanjalo nasemiphakathini yethu. Ezinye zazo ukweseka osomabhizinisi abamnyama abasebenzela ezindaweni esihlala kuzona ukuze zizokhula izinkampani zabo nokuzokwenza kwande abantu ababaqashile endaweni.
Kufanele sikukopele okwenziwa ngezinye izinhlanga okokuthi sesekane, sifukulane. Ukungawaxhasi amabhizinisi endawo kungaba izindawo zokucwala amakhanda, ezokukhanda izimoto, izitolo ezincane zokudla, kusho ukuthi siqhubeka nokucebisa abantu ababodwa futhi kwenza kube lula nokuthi amabhizinisi ezindaweni zethu awe. Okunye esingalekelela ngakho ukubamba iqhaza ekuphuculeni ezemfundo ngokuthi sisize ezikoleni zabamnyama, ngokwenzisa izifundo ezengeziwe ngezimpelasonto silekelele othisha. Singamlekelela uhulumeni ngokuthi sithole abaxhasi abazimele abangathuthukisa ingqalasizinda ezikoleni, mhlawumbe izinkampani ezinganikela ngamaScience Labs nangamaComputer Labs.
Abasebenza kahle bangahlanganisa bakhiphe imifundaze. Uhulumeni kumele ayisebenzise kahle imali yabakhokhibentela ngoba yize ziningi izidingo azihlinzekayo kodwa iningi futhi exhashazwayo engashintsha impilo yabahluphekayo. Yimpi le esingayinqoba ngokubambisana.