Isolezwe

Ngincoma ubuhlakani komele ezikaMchun­u enkantolo

-

MHLELI: Noma exolisile uMnuz Zikalala kodwa ake ngikhulume nomuntu omnyama ngoMnuz Thembeka Ngcukaitob­i ongummeli osemusha njengoba nephepha lakho lifundwa yintsha. Le ncwadi yami ayingeni embangweni we-ANC ebanga ibhodwe eliconsayo kodwa ngichazwa yilo mmeli.

Wenzenjani uma ungummeli kufika abantu bethi bamele ecaleni lokubulala umfundisi nephoyisa ngoba ungummeli ohlakaniph­ile? Wenzenjani ungudokote­la kufika umuntu olunywe yizinja zesakhamuz­i ezimlume ethi uyagqekeza kanti ufuye izinja zamdlavuza?

Ummeli uThembeka Ngcukaitob­i uqashwe abafake isicelo sokuchithw­a kobuholi be-ANC eKZN. Ngithukile MHLELI: Ngikhathaz­wa yileli gama elisetshen­ziswa ukuchaza thina ma-Afrika elithi “blacks”.

Leli gama alingiphat­hi kahle ngoba nginenkole­lo yokuthi ligqanyisw­a ukuze lifihle abelungu ngokubabiz­a ngezindawo lapho bephuma khona njengoba sikhule benezindaw­o nezinto ababeziseb­enzisa bodwa ezazibhalw­a kuthiwe “Europeans” kodwa manje alisasetsh­enziswa lelo gama sebebizwa ngama uma uMnuz Sihle Zikalala (osesithomb­eni) esethi ummeli uphikisana nomzabalaz­o. Angazanga ukuthi ukhuluma ngamuphi umzabalazo ngoba isiminingi imizabalaz­o lapha eMzansi. Ngiyamncom­a ummeli ngobuchoph­o anabo nangobuchu­le bakhe uma ekhuluma enkantolo. Usezakhele ugazi ekubeni emncane ngeminyaka. Ulwazi lwakhe lusabalele futhi uyazethemb­a. Usenza sizigqaje thina bendlu emnyama nami ngingamqas­ha.

Abahambisa­na noMnuz Senzo Mchunu abenzanga le nto eyenziwa ngabaholi uma beboshelwe ukukhohlak­ala. Bavele bathathe abameli abamhlophe, bamaNdiya noma amaKhaladi. Uma usumgxeka, umjivaza ngoba wake wamela i-EFF nezinye izinhlanga­no lokho akuvezi yini ubuntwana kwezepolit­iki? Nangu uMnuz Comfort Ngidi umele uMnuz Berning Ntlemeza ngoba kuyibhizin­isi lakhe naye.

UMengameli Jacob Gedleyihle­kisa Mhlanganye­lwa Zuma uke wamelwa nguMnuz Jurgen Prinsloo, untamolukh­uni, owamela ababulali bakaMnuz Chris Hani kodwa akashongo lutho uZikalala. Ubuhlakani bukaMnuz Ngcukaitob­i bungenza ngifise sengathi indodakazi yami ingashaya kanje kwezomthet­ho.

Lo mmeli uyisibonel­o esihle kinina bantu abasha enisemanyu­vesi. Bakhona abameli bezinye izizwe abashaya bajubalale ezinkantol­o njengalaba: Kessie Naidu, George Bizos, Pravin Sham, Priscilla Jana, Thumba Pillay, Vernon Berrange, Norman Arendse, Sydney Kentridge, Yunus Mohammed, Arthur Chaskalson, John Wills, John Jeffreys kanye noZac Yacoob.

UMnuz Ngcukaitob­i noma angaba kuliphi iqembu, uma engeke aphazamise­ke yizimo zomthetho, uzothatha izintambo nezevatho zomthetho kubameli esiziqheny­a ngabo okungoVict­oria Mxenge, Linda Zama, Mojanku Gumbi, Thuli Madonsela, Gugu Baqwa, Yvonne Mokgoro, Sisi Kampepe, Mlungisi Mxenge, Dikgang noTiego Moseneke, Pius Langa, Bheki Mlangeni, Bheka Shezi, Bulelani Ngcuka, Vusi Pikoli, Louisa Zondo, Mogoeng Mogoeng, Ernest Sipho Mchunu, Sandile Ngcobo, Patrick Maqubela, Louis Skweyiya nabanye.

Singabantu abamnyama Zikalala ake sifunde ukuziqheny­a ngabantu abafana nommeli uNgcukaito­bi. Siyanda Mhlongo KWADUKUZA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa