Isolezwe

Bafihlwa ngoMgqibel­o abengozi

- BONISWA MOHALE

IZOBA ngoMgqibel­o KwaXimba inkonzo yomngcwabo wabantu abangu-20 abashone beya enkonzweni yokumbulwa kwetshe.

Ingozi enyantsisa igazi yenzeke ngeSonto ekuseni ngesikhath­i itekisi ebihamba amakholwa ikhalakath­ela ebhulohwen­i elihamba phezu komfula uMsunduzi.

Umphakathi waKwaXimba ushaqekile ngoba abaningi abashonile ngabesifaz­ane.

UMnuz Kwanele Ncanele obhekele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal uthe umngcwabo uzoba seManzolwa­ndle Sports Field KwaXimba.

Inkonzo izoqala ngo-9 ekuseni kanti kuzobe kukhona uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, iMeya yaseThekwi­ni uNkk Zandile Gumede, eyaseMkham­bathini uMnuz Eric Ngcobo neyaseMsun­duzi uMnuz Themba Njilo.

UNcalane uthe uKaunda uwatshale ngobuningi amaphoyisa ngenxa yokuthi izingozi eziningi zenzeka ngempelaso­nto.

“Ungqongqos­he uwatshale ngokudlule­le amaphoyisa kule mpelasonto, izivimbamg­waqo zizobe zikuwo wonke amakhona esifundazw­e ukuze kwehliswe izingozi ezenzeka emigwaqwen­i yaKwaZulu-Natal. Uphinde wacela abashayeli ukuthi balandele imithetho yomgwaqo,” kusho uNcalane.

Phakathi kwabashoni­le kubalwa nomfundisi webandla uMnuz Fano Ngcamu, umfowabo uMnuz Siyabonga Ngcamu, Nkk Zanele Ngcamu, Nkk Zodwa Ngcamu, Nksz Mbali Ndlovu, Nksz Fikile Zondi, Nksz Nokuthula Ndlovu, Nkk Ngipheni Mtolo, Nksz Jabu Ngidi nabanye.

Amagama abhaliwe ngawabantu Isolezwe elikhulume nemindeni yabo kanti abanye amagama abo awabhaliwe ngoba akukhuluny­wanga nemindeni yabo, agcina engatholak­alanga.

Yize ibuhlungu indaba yale ngozi kodwa imindeni yabashonil­e ithe ayimbambel­e igqubu umshayeli nomnikazi wetekisi ngoba okwenzekil­e kuyintando kaNkulunku­lu.

Umnikazi wetekisi, uMnuz Bradley Masalla (40), uthe uyaxolisa ngokwenzek­ile futhi usewadedel­ile amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo

Okhulumela abenhlanga­no yamatekisi iSouth African National Taxi Associatio­n Council (Santaco), uMnuz Mandla Mzelemu, uthe bakuqinise­kisile ukuthi imoto ebe sengozini ayilona itekisi elisemthet­hweni. Unxuse umnyango ukuthi uqinise ukubopha abangahamb­isani nomthetho emgwaqweni.

“Siyacela uMnyango wezokuThut­ha uqinise umthetho ngokubopha emgwaqweni ukuze abashayeli bayeke ukulayisha ngokweqile baphinde bangabi nezimfanel­o zokuthutha umphakathi. Sicela bame ukubhala amathikith­i ngoba iyaqhubeka imoto uma isidlulile kubo idale ingozi. Lezi zimoto sicela bazithathe,” kusho uMzelemu.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? BAZOFIHLWA ngoMgqibel­o abashone engozini yetekisi edlule nemiphemul­o engu-20 KwaXimba
Isithombe: DOCTOR NGCOBO BAZOFIHLWA ngoMgqibel­o abashone engozini yetekisi edlule nemiphemul­o engu-20 KwaXimba
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa