Usola isibhedlela ngobudedengu onqunywe umunwe
ISOLA ubudedengu besibhedlela iRK Khan indoda ethi igcine ibolelwe wumunwe wanqunywa ngoba ehlaliswe isikhathi eside engalutholi usizo.
UMnuz Sandile Doctor Duma wasClermont uthe uye esibhedlela ngeSonto emuva kokuthi elinyazwe yimoto esandleni walimala umunwe wokukhomba nomunwe ophakathi nendawo. Uthe isandla sakhe sigaxele esondweni lemoto yomzala wakhe ngesikhathi eyisusa walimala.
Uthe umunwe wokukhomba yiwona obubukeka ungalimele kakhulu kodwa lona ophakathi nendawo bewuphukile. Lokhu kwenzeke ekuseni ngeSonto. Umzala wakhe ube esemphuthumisa emtholampilo KwaDabeka. Emtholampilo abachithanga sikhathi bamtholela i-ambulensi eyamphuthumisa esibhedlela iRK Khan.
“Ngesikhathi sifika bathe angibambe ulayini ngilinde ukuthi ngivulelwe ikhadi. Ngaleso sikhathi bengisibona sibucayi isimo sami ngoba nezinhlungu bese zingiphethe ngoba imishanguzo yezinhlungu ebengiyinikwe abezimo eziphuthumayo bese iphelile egazini. Phezu kwalokhu bengikhathazwa wukuthi umunwe wami ophakathi nendawo bewuphukile futhi ngopha kakhulu.”
Uthe uhlale esibhedlela kwaze kwantambama waze wathola usizo emuva kwehora lesihlanu. Uthungwe umunwe wokukhomba wabhandishwa, watshelwa ukuthi lona omunye uzofakwa insimbi ukuze ubuyiselwe esimeni. UDuma uthe utshelwe ukuthi udokotela ozokwenza lokho uzofika ngakusasa. Uthe ucele ukugoduka abuye ngakusasa ngesikhathi esetshelwa ukuthi uzolala emabhentshini ngoba ayikho imibhede.
“NgoMsombuluko ngibuyele khona ngahlala usuku lonke kuthiwa akekho umuntu ozongisiza. Ngicele ukuthi ngivulwe ibhandishi ngibhekwe umunwe bathi lizozwe liqaqwe wudokotela. Ngigcine ngicele ukuphinde ngigoduke ngoba bathe uzoze afike ngakusasa futhi. Baphinde bathi ayikho imibhede.
“NgoLwesibili ngibuyele khona ngahlala kwaze kwashaya ihora leshumi ngingalutholi usizo ngase ngibona ukuthi kungcono ngiye e-Addington. Khona bathe uma bevula ibhandishi bathola ukuthi sekubolile. Bangitshela ukuthi kufanele bawunqamule umunwe ngoba ngeke usabuyiseleka esimeni. Bathi bekungafanele ngihlale isikhathi eside kanje.”
Okhulumela umnyango wezeMpilo esifundazweni uMnuz Sam Mkhwanazi uthe udaba bazoludlulisela kumxazululi wezinkinga zezempilo ukuze aluphenye esebenzisa ulwazi olukhona emnyangweni ngoba kubonakala sengathi kunokushayisana phakathi kokusolwa kokuthiwa kwenzekile nokwenzeke ngempela ngesikhathi kunakekelwa isiguli. Uthe ulwazi abalutholile luthi isiguli safuna ukudedelwa ukuthi sigoduke yize sabe sesiyaliwe ngokwezempilo.