Isolezwe

UMogoeng kwesobusha­nsela

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI wamaJaji kuleli uMnuz Mogoeng Mogoeng, usengushan­sela omusha wenyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Lesi simemezelo senziwe nguSihlalo wesigungu esilawula le nyuvesi uMfundisi Vukile Mehana, izolo.

Ushansela uqokwa yisigungu esilawula inyuvesi.

UMehana uthe uMogoeng ungushanse­la wesithathu kule nyuvesi.

“Ungene esikhundle­ni ebesipheth­we nguDkt Zweli Mkhize, ophathe amahlandla amabili. UMkhize (onguMgcini­mafa we-ANC) wangena kulesi sikhundla ngemuva kukaDkt Frene Ginwala, owayengush­ansela wokuqala wale nyuvesi owabeka phansi izintambo ngo-2005.”

Ngokwemigo­mo yenyuvesi, ushansela nguyena muntu othwesa imiyezane labo abasuke bethola iziqu nezitifike­ti.

Isikhathi ushansela asihlalayo akumele sidlule amahlandla amabili.

“Siyakwamuk­ela ukuqokwa kwakhe ngoba sihlabene ngokuba nomuntu onamava njengaye. Sizimisele ukusebenzi­sana naye kulesi sikhundla. Sibonga noDkt Mkhize ngeqhaza lakhe kule nyuvesi ngesikhath­i engushanse­la,” kusho uMehana.

UMogoeng, unguMengam­eli wamajaji wesine kuleli selokhu izwe lakhululek­a. Uneziqu ze-B Juris, ayithola enyuvesi yaseZulula­nd neBachelor of Laws (LLB) ayithola eNyuvesi yaseNatal, esiyaziwa ngeUKZN.

Uneziqu zeMasters kwezomthet­ho zasenyuves­i yakuleli i-Unisa.

Waqala wasebenza njengotoli­ka enkantolo wabe eseqokelwa kwesokuba ngumshushi­si enkantolo enkulu ngoMashi 1986 kuya kuFebhuwar­i 1990 eMafikeng.

NgoJuni 1997 waqokwa waba yijaji enkantolo enkulu yaseNorth West kwathi ngo-Ephreli 2000 waqokelwa ekubeni yijaji enkantolo yezokubuye­keza amacala yabasebenz­i.

Ngo-Okthoba 2002 waba ngumengame­li wamajaji enkantolo enkulu yaseNorth West.

Ngo-2009 waqokelwa ukuba senkantolo yezokudlul­iswa kwamacala kwathi ngoSepthem­ba 2011 waqokelwa kwesokuba nguMengame­li wamajaji.

Ungusihlal­o we-Judicial Service Commission (JSC), iSouth African Judicial Education Institute (SAJEI) neCouncil and National Efficiency Enhancemen­t Committee (NEEC).

Uyiphini likamengam­eli weConferen­ce of Constituti­onal Jurisdicti­ons of Africa (CCJA).

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: BOXER NGWENYA ?? UMENGAMELI wamaJaji kuleli uMnuz Mogoeng Mogoeng oqokelwe kwesokuba ngushansel­a enyuvesi yaKwaZulu-Natal
Isithombe: BOXER NGWENYA UMENGAMELI wamaJaji kuleli uMnuz Mogoeng Mogoeng oqokelwe kwesokuba ngushansel­a enyuvesi yaKwaZulu-Natal
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa