Bafihlwa ngoMgqibelo abengozi
IZOBA ngoMgqibelo KwaXimba inkonzo yomngcwabo wabantu abangu-20 abashone beya enkonzweni yokumbulwa kwetshe.
Ingozi enyantsisa igazi yenzeke ngeSonto ekuseni ngesikhathi itekisi ebihamba amakholwa ikhalakathela ebhulohweni elihamba phezu komfula uMsunduzi.
Umphakathi waKwaXimba ushaqekile ngoba abaningi abashonile ngabesifazane.
UMnuz Kwanele Ncanele obhekele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uthe umngcwabo uzoba seManzolwandle Sports Field KwaXimba.
Inkonzo izoqala ngo-9 ekuseni kanti kuzobe kukhona uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, iMeya yaseThekwini uNkk Zandile Gumede, eyaseMkhambathini uMnuz Eric Ngcobo neyaseMsunduzi uMnuz Themba Njilo.
UNcalane uthe uKaunda uwatshale ngobuningi amaphoyisa ngenxa yokuthi izingozi eziningi zenzeka ngempelasonto.
“Ungqongqoshe uwatshale ngokudlulele amaphoyisa kule mpelasonto, izivimbamgwaqo zizobe zikuwo wonke amakhona esifundazwe ukuze kwehliswe izingozi ezenzeka emigwaqweni yaKwaZulu-Natal. Uphinde wacela abashayeli ukuthi balandele imithetho yomgwaqo,” kusho uNcalane.
Phakathi kwabashonile kubalwa nomfundisi webandla uMnuz Fano Ngcamu, umfowabo uMnuz Siyabonga Ngcamu, Nkk Zanele Ngcamu, Nkk Zodwa Ngcamu, Nksz Mbali Ndlovu, Nksz Fikile Zondi, Nksz Nokuthula Ndlovu, Nkk Ngipheni Mtolo, Nksz Jabu Ngidi nabanye.
Amagama abhaliwe ngawabantu Isolezwe elikhulume nemindeni yabo kanti abanye amagama abo awabhaliwe ngoba akukhulunywanga nemindeni yabo, agcina engatholakalanga.
Yize ibuhlungu indaba yale ngozi kodwa imindeni yabashonile ithe ayimbambele igqubu umshayeli nomnikazi wetekisi ngoba okwenzekile kuyintando kaNkulunkulu.
Umnikazi wetekisi, uMnuz Bradley Masalla (40), uthe uyaxolisa ngokwenzekile futhi usewadedelile amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo
Okhulumela abenhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Association Council (Santaco), uMnuz Mandla Mzelemu, uthe bakuqinisekisile ukuthi imoto ebe sengozini ayilona itekisi elisemthethweni. Unxuse umnyango ukuthi uqinise ukubopha abangahambisani nomthetho emgwaqweni.
“Siyacela uMnyango wezokuThutha uqinise umthetho ngokubopha emgwaqweni ukuze abashayeli bayeke ukulayisha ngokweqile baphinde bangabi nezimfanelo zokuthutha umphakathi. Sicela bame ukubhala amathikithi ngoba iyaqhubeka imoto uma isidlulile kubo idale ingozi. Lezi zimoto sicela bazithathe,” kusho uMzelemu.