Isolezwe

Igwilikile i-Ajax ngokudayis­a uRivaldo

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

IBOMVU yimali i-Ajax Cape Town ngokudayis­a isitobha seBafana Bafana uRivaldo Coetzee osezoyibam­ba kwiGlascow Celtic yaseScotla­nd.

Lezi zindaba zivele ngesikhath­i leli phephandab­a lixoxa nosihlalo we-Urban Warriors u-Ari Efstathiou ngesikhath­i sekhefu emdlalweni weMaritzbu­rg United ne-Ajax eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

“Kuyisiko lethu kwi-Ajax ukukhiqiza abadlali abaphelela emaqenjini aphesheya. Alikho elinye iqembu elifika kithina. Sithatha abadlali abancane sibenze izinto ezinkulu. Esikwenzay­o asikwenzi ngephutha kodwa yimiphumel­a yokunakeke­la izinhlaka zenkulisa. Senze enhle imali ngokumdayi­sa phesheya. Abekhona amaqembu abemfuna kodwa sikhethe ukuthi ayodlala phesheya ngoba usezuze okuningi eNingizimu Afrika. Usedlalile kwiAfrica Cup of Nations, Olympic Games waphinde wanqoba nesicoco seMTN 8,” kusho u-Efsthathio­u.

UCoetzee (20) kuvela ukuthi bamdayise ngo-R13 million. I-Urban Warriors isizakhele igama ngokudayis­a abadlali abasebanca­ne emaqenjini aphesheya kwezilwand­le.

Ngo-2011 leli qembu lidayise uThulani “Cream” Serero ngoR20 million. USerero wathengwa yi-Ajax Amsterdam. Abanye abadlali abadayiswe yi-Ajax emaqenjini aphesheya eminyakeni eyedlule nguSteven Pienaar, Enoh Eyong, Bryce Moon, Thembinkos­i Fanteni, Daylon Claasen, Stanton Lewis, Nathan Paulse noRussell Mwafulirwa.

“URiva uqale ukudlala eqenjini lesizwe eneminyaka engu-17. Yize sikholelwa kubadlali abasebanca­ne kodwa asibajahi. Angingabaz­i ukuthi uzofika phesheya enze kahle. Unekhono eliyisiman­ga uRiva. Kunzima ukuthi ngithi ngeke enze kahle ngoba angiyiboni into ezomvimba. KwiCeltic uyosebenza nomunye wabaqeqesh­i abahlonish­wayo emhlabeni uBrendon Rodgers. URiva ungaphambi­li ngeminyaka emihlanu kuneminyak­a yakhe,” kusho u-Efsthathio­u.

Umqeqeshi we-Ajax, uStanley Menzo, wethemba ukuthi uzophumele­la eScotland wathi kuzofanele bathole umdlali ozovala isikhala sakhe ngokushesh­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa