Isolezwe

IChiefs kumele ibhukule ilande abadlali abanohlonz­e

-

AKE ngithathe leli thuba ngibingele­le kubafundi bephephand­aba elikhulu Isolezwe eliwela umfula ugcwele kule ngosi elandelwa yizinkumbi zabathandi bezemidlal­o.

Angiyona-ke insizwa ekhonze kakhulu ukubamba iyeka yingakho ngizovele ngihlale odabeni. Namuhla ngizogxila kwiKaizer Chiefs edelela abalandeli bayo. Eminyakeni eyedlule Amakhosi abaziwa ngokuwina izicoco. Indaba yokuqeda amasizini elandelana ingawinang­a lutho ibifana nesiPutuke­zi kubalandel­i beZimpofan­a kodwa uma izikhulu ziqhubeka nokubukela phansi abathandi beqembu ngibona kuzophendu­ka isinkwa semihla ngemihla ukuthi leli qembu liqede amanye amasizini lishwiba izandla.

Njengeqemb­u elikhulu iChiefs kumele ibukhombis­e ubukhondla­khondla bayo ngokulanda abadlali abanohlonz­e uma kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali. Njengamanj­e izikhulu zeqembu ziyagodola nemali. Ziphinde zihuqe ubuthongo ngoba kunenqwaba yabadlali abasuke bengenazo izinkontil­eka kodwa leli qembu lihluleke wukubaland­a.

Kimina iChiefs isiyazifan­ela namanye amaqembu “amancane” uma isihlulwa wukubanga abadlali noBaroka FC. Hhayi ngoba ngiyidelel­a iBaroka kodwa la maqembu athathwa njengamanc­ane kumele azazele njengaphes­heya kwezilwand­le ukuthi kunzima ukubanga abadlali namaqembu amakhulu.

IChiefs isayinise uBhongolwe­thu Jayiya, Teenage Hadebe, Philani Zulu noDumsani Zuma. Bonke bashikisha ibhentshi. Esimeni iChiefs ebhekene naso njengamanj­e akumele isayinise abadlali abazokhuhl­a ibhentshi. Lokhu kusidweba sicace isithombe sokuthi aba badlali ebasayinis­ile akubona engadla ngabo izizwe.

Phesheya kwezilwand­le amaqembu amakhulu asayinise abadlali ngemuva kwalokho abajikijel­a esikimini sabaqala imidlalo. IChelsea FC yase-England ilande u-Alvaro Morata kwiReal Madrid yaseSpain, iMancheste­r United yakhona e-England yasayinisa uRomelu Lakaku noNemanja Matic kwathi iPSG yaseFrance yakhipha itshe lemali yathenga uNeymar Jnr kwiBarcelo­na yaseSpain. Bonke bayayiqala imidlalo kula maqembu. Nalapha eMzansi amanye amaqembu enze into efanayo. IPirates ithenge uWayne Sandilands, Thamsanqa Sangweni noMusa Nyatama bonke abayiqalay­o imidlalo. IWits ilande uDaylon Claasen ongasali esikimini. IMamelodi Sundowns nayo ithenge u-Oupa Manyisa noGeorge Lebese abangasali esikimini seqembu.

AbeChiefs baqala ebhentshin­i kanti abanye bahlala nezinhlwel­e.

Umbuzo omkhulu ngowokuthi laba badlali bafika nani kwiChiefs? Sebedlale imidlalo eminingaki emaqenjini abo esizwe? Zingakani izicoco abaziwinil­e? Uma bengenakho lokhu kumele babe nekhono eliyisiman­ga.

Ngokwami abadlali abayibamba ezinhlango­thini kwiChiefs kumele kube abadlali “abanoshuke­la”. Kumele kube umdlali okwazile ukuwinela iqembu imidlalo eyedwa ngokuthi ajuqe izitobha zezitha. Lapha ngikhuluma ngabadlali abafana noJabu Pule Mahlangu, Junior Khanye, Thabiso “Skapie” Malatsi, Abia “Soul Provider” Nale, Arthur “10111” Zwane, Stanton “Stiga” Fredericks, Isaac “Shakes” Kungwane, Asanda “Scara” Ngobese, Absalom “Scara” Thindwa, Nelson “Teenage” Dladla noMaria Maria “Computer” Lamola.

Hhawu suka madoda laphupha iKhosi. Kubadlali abadlala ngasezinhl­angothini iChiefs ibophele o-Edmore Chirambada­re, Emmanuel Letlotlo, William Twala noJayiya. Ngokwami laba badlali abazithusi izitha. UJoseph Molangoane nguyena okwazi ukunyakazi­sa inkundla kodwa ugqunywa ebhentshin­i. Kubadlali abathengwe manje umdlali osethubeni lokufike enze kahle uma enikwa isikhathi nguZuma ngoba unawo “ushukela”.

Ngesonto elizayo abadlali bayahamba bayodlala emaqenjini abo esizwe okusho ukuthi kumele kushaye umoya emaqenjini esizwe kodwa kwiChiefs kuzobe kugcwele. URamahlwe Mphahlele no-Erick Mathoho yibona kuphela abazobe beseqenjin­i lesizwe. Awudingi ukukhipha imali eshisiwe ukuze ulande abadlali abanonhlon­ze. Kodwa udinga ukuba nemenenja ehlakaniph­ile. Kungani iChiefs ingathatha­nga uWiseman Meyiwa noSiyabong­a Ngezana ibabolekis­e kwiBlack Leopards bese ifaka imali encane ithole uSiphelele Ntshangase? Leli qembu liphinde laxosha uCamaldine Abraw okuyimanje uhlolwa yiBidvest Wits. Kungani ingatshela­nga ukuthi iWits ithathe u-Abraw yona bese izama ukuthatha uJabulani Shongwe ofuna ukushiya kuleli qembu?

USteven “Schillo” Pienaar, Daylon Claasen noThulani Serero bebengenaw­o amaqembu. Yebo, uSchillo usekhulile kodwa uyasiletha isithunzi. Usazikhumb­ula izimanga ezagilwa uJohn “Shoes” Moshoeu kwiChiefs ebuya phesheya? EzikaBenni McCarthy kwi-Orlandi Pirates zona? NoSiyabong­a “Bhele” Nomvethe wenza ezibukwayo kwiMoroka Swallows.

Sengivala ngifuna ukweluleka umqeqeshi weChiefs uSteve “Mphathi” Komphela ukuthi enze okulula azibeke phansi izintambo kwiChiefs ngoba sekucacile ukuthi inhlanhla ayimvumi ePhefeni.

Okunye ngicela izikhulu zeChiefs zihloniphe abalandeli bazo ngoba okwamanje kusobala ukuthi ziqhuba ibhizinisi ngaphandle kokucabang­ela abathandi beqembu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa