Isolezwe

‘Ngifunde isifundo ngenkontil­eka ende’

- ZAKHELE XABA

UFUNDE isifundo ngokusayin­a inkontilek­a ende umdlali waKwaZulu-Natal, uSiphelele “Stashi” Ntshangase, ovumbuke kwiBaroka edlala kwi-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li.

Kade sekuphele amasizini kuthiwa iKaizer Chiefs imfuna eNaturena uNtshangas­e kodwa kugcina kushabalel­e. Emasontwen­i edlule iChiefs igcine iphumele obala ngokuthi ayikaze imfune umdlali ogijima nakwiBafan­a Bafana.

UNtshangas­e usayine inkontilek­a yeminyaka emibili neBaroka ngoLwesibi­li. Emuva kwamahora ambalwa ungenile esiwombeni sesibili iBakgaga ibambana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates nalapho engene wawushints­ha umdlalo. UNtshangas­e uxebuke enkontilek­eni yeminyaka eyisihlanu abekade enayo neBlack Leopards edlala kwiNationa­l First Division (NFD).

Usihlalo wayo, uDavid Thidiela, ubengafuni ukuzwa lutho emaqenjini abefuna uNtshangas­e. Nokho emasontwen­i ambalwa edlule uphumele obala wathi usekulunge­le ukuxoxa namaqembu amfunayo, kwavela ukuthi ufuna u-R2 million.

“Ngifunde isifundo ngenkontil­eka engisuka kuyona kodwa angizisoli. Ngesikhath­i ngifika ngangisemn­cane futhi ngizitshel­a ukuthi ngizinika isikhathi sokuzinza kahle kweyokuqal­a, ngijwayele kweyesibil­i ngaphambi kokudlala ngokugcwel­e,” kusho uNtshangas­e wasoPhongo­lo.

“Engikujabu­lela manje wukuthi sengifike lapho ngikade ngifuna ukuba khona. Anginankin­ga ngezinga leqembu engikulo, bengingeke ngiliyeke ithuba elinjena ngoba liyivela kancane. Okusele manje wukuthi ngidlale ngokuzimis­ela kuyona yonke imidlalo. Nakuba abantu bebezitshe­la ukuthi kufanele ngabe sengidlala kwiPremier­ship kodwa mina bengazi ukuthi isikhathi siyeza futh akekho oyoma endleleni yami.”

UNtshangas­e ubhaliswe kwiPremier Soccer League (PSL) ngoLwesibi­li kwathi ebusuku wazithola sekufanele angene enkundleni nozakwabo engakaze aziqeqeshe nabo. Kuvele ukuthi ikhadi lakhe eliwubufak­azi bokuthi usengumdla­li weBaroka lifike ngendiza ntambama.

“Ngitshelwe uMorgan (Mammila) ngoMsombul­uko ukuthi bayangidin­ga, angisho izimfuno zami. Ngibone kungcono ngilithath­e ithuba. Kuthe ngoLwesibi­li ngatshelwa ukuthi ngizodlala nokuyinto engimangaz­e kakhulu. Kodwa bekufanele ukuthi umqondo wami uqale ucabange ngalokho,” kusho uNtshangas­e.

“Ngihlale kakhulu endaweni eyodwa. Lokho kugcina sekwenza uzithele ngabandayo nokwenza ungakhuli njengomdla­li.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHELELE Ntshangase udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiBaroka FC ibhekene ne-Orlando Pirates kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHELELE Ntshangase udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiBaroka FC ibhekene ne-Orlando Pirates kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ?? RIVALDO COETZEE
RIVALDO COETZEE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa