Isolezwe

Ugaqele indondo yegolide uMagazi

- MINENHLE MKHIZE NOZAKHELE XABA

ISITOBHA seMaritzbu­rg United, uSiyanda “Magazi” Xulu, sigaqele isicoco saso sokuqala eNingizimu Afrika.

Kusasa ngo-8.15 ebusuku iTeam of Choice izoshukana neSuperSpo­rt United emlenzeni wokuqala we-semi final yokuqala yeMTN 8 eLucas Moripe Stadium.

Umlenze wesibili useHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngoSepthem­ba 9. UXulu (26) usezuze izinto ezinkulu empilweni yakhe edlala ibhola kodwa akakaze ayithole indondo yegolide eNingizimu Afrika. Udlale amasizini amathathu kwiMamelod­i Sundowns waphinde wayibamba amabili kwiKaizer Chiefs. Ngaphandle kokudlala kuleli, uXulu useke wamenywa yiBarcelon­a yaseSpain ne-Arsenal yase-England eyozama inhlanhla.

KwiBafana Bafana udlale imidlalo eyisithuph­a kanti useke wayibamba naphesheya kwezilwand­le kwiFC Rostov yaseRussia. Kuleli qembu wemuka nesicoco iRussian Cup.

Exoxa nabezindab­a ngemuva komdlalo weTeam of Choice ne-Ajax Cape Town eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, uXulu akazange akufihle ukuthi ukubheke ngamehlo abomvu ukuzibula ngesicoco eNingizimu Afrika.

“Ngike ngasinqoba isicoco phambilini eRussia kodwa lapha eNingizimu Afrika bengingaka­bi nayo inhlanhla. Ngike ngafinyele­la emidlalwen­i yamanqamu neyandulel­a owamanqamu kodwa ngangaba nayo inhlanhla. Kuyiphupho lami elikhulu ukunqoba isicoco eNingizimu Afrika. Kungaba yisimangal­iso uma ngingasinq­oba neqembu langakithi KwaZulu-Natal. Njengeqemb­u sizokwenza konke okusemandl­eni ethu ukunqoba lesi sicoco (MTN 8),” kusho uXulu.

Lesi sitobha saKwaMashu, eThekwini, besikhona iChiefs ithelwa othulini yi-Ajax ngo 1-0 kowamanqam­u weMTN 8

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa