IChiefs kumele ibhukule ilande abadlali abanohlonze
AKE ngithathe leli thuba ngibingelele kubafundi bephephandaba elikhulu Isolezwe eliwela umfula ugcwele kule ngosi elandelwa yizinkumbi zabathandi bezemidlalo.
Angiyona-ke insizwa ekhonze kakhulu ukubamba iyeka yingakho ngizovele ngihlale odabeni. Namuhla ngizogxila kwiKaizer Chiefs edelela abalandeli bayo. Eminyakeni eyedlule Amakhosi abaziwa ngokuwina izicoco. Indaba yokuqeda amasizini elandelana ingawinanga lutho ibifana nesiPutukezi kubalandeli beZimpofana kodwa uma izikhulu ziqhubeka nokubukela phansi abathandi beqembu ngibona kuzophenduka isinkwa semihla ngemihla ukuthi leli qembu liqede amanye amasizini lishwiba izandla.
Njengeqembu elikhulu iChiefs kumele ibukhombise ubukhondlakhondla bayo ngokulanda abadlali abanohlonze uma kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Njengamanje izikhulu zeqembu ziyagodola nemali. Ziphinde zihuqe ubuthongo ngoba kunenqwaba yabadlali abasuke bengenazo izinkontileka kodwa leli qembu lihluleke wukubalanda.
Kimina iChiefs isiyazifanela namanye amaqembu “amancane” uma isihlulwa wukubanga abadlali noBaroka FC. Hhayi ngoba ngiyidelela iBaroka kodwa la maqembu athathwa njengamancane kumele azazele njengaphesheya kwezilwandle ukuthi kunzima ukubanga abadlali namaqembu amakhulu.
IChiefs isayinise uBhongolwethu Jayiya, Teenage Hadebe, Philani Zulu noDumsani Zuma. Bonke bashikisha ibhentshi. Esimeni iChiefs ebhekene naso njengamanje akumele isayinise abadlali abazokhuhla ibhentshi. Lokhu kusidweba sicace isithombe sokuthi aba badlali ebasayinisile akubona engadla ngabo izizwe.
Phesheya kwezilwandle amaqembu amakhulu asayinise abadlali ngemuva kwalokho abajikijela esikimini sabaqala imidlalo. IChelsea FC yase-England ilande u-Alvaro Morata kwiReal Madrid yaseSpain, iManchester United yakhona e-England yasayinisa uRomelu Lakaku noNemanja Matic kwathi iPSG yaseFrance yakhipha itshe lemali yathenga uNeymar Jnr kwiBarcelona yaseSpain. Bonke bayayiqala imidlalo kula maqembu. Nalapha eMzansi amanye amaqembu enze into efanayo. IPirates ithenge uWayne Sandilands, Thamsanqa Sangweni noMusa Nyatama bonke abayiqalayo imidlalo. IWits ilande uDaylon Claasen ongasali esikimini. IMamelodi Sundowns nayo ithenge u-Oupa Manyisa noGeorge Lebese abangasali esikimini seqembu.
AbeChiefs baqala ebhentshini kanti abanye bahlala nezinhlwele.
Umbuzo omkhulu ngowokuthi laba badlali bafika nani kwiChiefs? Sebedlale imidlalo eminingaki emaqenjini abo esizwe? Zingakani izicoco abaziwinile? Uma bengenakho lokhu kumele babe nekhono eliyisimanga.
Ngokwami abadlali abayibamba ezinhlangothini kwiChiefs kumele kube abadlali “abanoshukela”. Kumele kube umdlali okwazile ukuwinela iqembu imidlalo eyedwa ngokuthi ajuqe izitobha zezitha. Lapha ngikhuluma ngabadlali abafana noJabu Pule Mahlangu, Junior Khanye, Thabiso “Skapie” Malatsi, Abia “Soul Provider” Nale, Arthur “10111” Zwane, Stanton “Stiga” Fredericks, Isaac “Shakes” Kungwane, Asanda “Scara” Ngobese, Absalom “Scara” Thindwa, Nelson “Teenage” Dladla noMaria Maria “Computer” Lamola.
Hhawu suka madoda laphupha iKhosi. Kubadlali abadlala ngasezinhlangothini iChiefs ibophele o-Edmore Chirambadare, Emmanuel Letlotlo, William Twala noJayiya. Ngokwami laba badlali abazithusi izitha. UJoseph Molangoane nguyena okwazi ukunyakazisa inkundla kodwa ugqunywa ebhentshini. Kubadlali abathengwe manje umdlali osethubeni lokufike enze kahle uma enikwa isikhathi nguZuma ngoba unawo “ushukela”.
Ngesonto elizayo abadlali bayahamba bayodlala emaqenjini abo esizwe okusho ukuthi kumele kushaye umoya emaqenjini esizwe kodwa kwiChiefs kuzobe kugcwele. URamahlwe Mphahlele no-Erick Mathoho yibona kuphela abazobe beseqenjini lesizwe. Awudingi ukukhipha imali eshisiwe ukuze ulande abadlali abanonhlonze. Kodwa udinga ukuba nemenenja ehlakaniphile. Kungani iChiefs ingathathanga uWiseman Meyiwa noSiyabonga Ngezana ibabolekise kwiBlack Leopards bese ifaka imali encane ithole uSiphelele Ntshangase? Leli qembu liphinde laxosha uCamaldine Abraw okuyimanje uhlolwa yiBidvest Wits. Kungani ingatshelanga ukuthi iWits ithathe u-Abraw yona bese izama ukuthatha uJabulani Shongwe ofuna ukushiya kuleli qembu?
USteven “Schillo” Pienaar, Daylon Claasen noThulani Serero bebengenawo amaqembu. Yebo, uSchillo usekhulile kodwa uyasiletha isithunzi. Usazikhumbula izimanga ezagilwa uJohn “Shoes” Moshoeu kwiChiefs ebuya phesheya? EzikaBenni McCarthy kwi-Orlandi Pirates zona? NoSiyabonga “Bhele” Nomvethe wenza ezibukwayo kwiMoroka Swallows.
Sengivala ngifuna ukweluleka umqeqeshi weChiefs uSteve “Mphathi” Komphela ukuthi enze okulula azibeke phansi izintambo kwiChiefs ngoba sekucacile ukuthi inhlanhla ayimvumi ePhefeni.
Okunye ngicela izikhulu zeChiefs zihloniphe abalandeli bazo ngoba okwamanje kusobala ukuthi ziqhuba ibhizinisi ngaphandle kokucabangela abathandi beqembu.