Isolezwe

Iyawadonsa amehlo iTucson Sport entsha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI TUCSON SPORT

KUYACACA emgwaqweni ukuthi iTucson Sport akuyona nje iTucson ejwayeleki­le ngenxa yokuthi abantu baphenduka nayo uma beyibona.

Abanye abangazi bagcine bengibuza ukuthi kazi ngiyenzeni ngoba ayifani nhlobo nezinye.

Akukhona ukuthi ngiyenze okuthize kodwa ngabakwaHy­undai uqobo abayishuni­le yaqala ukutholaka­la emagaraji ngoJuni nonyaka. Kungalesi sizathu abantu isabathusa ngoba iseyintsha futhi ayikakandi kakhulu emgwaqweni.

Yize ingakandi kodwa le nkampani ithe idayise angaphezul­u kuka-50 ngenyanga edlule.

KwaHyundai Automotive SA banikele eKorea lapho belande khona abayishune ngakho.

Amarimu angu-19 inch black alloy futhi awayiphaza­misi neze indlela imoto ebambelela ngayo emajikeni nokuba ntofontofo okungenye yezinto iTucson entsha egabe ngazo.

Inqawe iyandoda futhi ngisho ungaphakat­hi emotweni. Uma usaqala lona kuba wumsindo omnandi kodwa ngokuhamba kwesikhath­i ubuye ube nesidina njengoba mina ungivale izindlebe. Indonda kakhulu phakathi kuka2 000 no-3 000 revvs nokwenza ukuthi uma usucikekil­e unyathele kakhulu amafutha ukuze amarevvs abe phezulu ukuze ithule. Lokhu kodwa kuyenza icaphune kuphethrol­i.

Injini yayo bayithathe­le kwiVeloste­r Turbo yakwabo. Ingu1.6 turbocharg­ed petrol engine enamandla angu-150kW ne-torque ka-295 Nm. Inamandla kodwa uma isuka ayigxumi ihlale kodwa emgwaqweni ovulekile iyashesha. Idonsa ngamagiya ayisithuph­a ashintshwa­yo futhi idonsa ngamasondo angaphambi­li.

KwaHyundai sebethathe iTucson 1.6 TGDI Elite nayo bayenza iSport ngokuyishu­na njengoba le engiyichaz­e ngenhla kuyiTucson 1.6 TGDI Executive.

Okuhlukile ngayo wukuthi idonsa ngamasondo amane futhi okhakhayin­i ine-sunroof. Iwumshini ozishintsh­ayo njengoba ineDual Clutch Transmissi­on (DCT).

Lokhu nokho kudinga ukuthi ufake ngaphezulu uR100 000 ukuze uyithole bese ibiza uR599 900.

Phakathi kwezinto ephuma nazo yi-8 inch screen infotainme­nt ene-navigation, bluetooth, umsakazo odlala iCD/USB/AUC futhi iveza ingemuva uma uhlehla.

Kwezokuphe­pha ine-ESP, ABD, EBD, ama-airbag omshayeli nabagibeli ahlanganis­a namacurtai­n airbags futhi yathola izinkanyez­i ezinhlanu ngesikhath­i ihlolwa ezokupheph­a ngokweEuro­NCAP. Inani

Hyundai Tucson 1.6 TGDI Executive Sport R499 900

Hyundai Tucson 1.6 TGDI Elite Sport R599 900

Iphuma ne-warranty yeminyaka eyisikhomb­isa noma ibanga lika200 000km, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km, ne-service plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-90 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa