Isolezwe

ICaptur ethuthukis­iwe

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: RENAULT CAPTUR

ABAGOQILE izandla kwaRenault eNingizimu Afrika njengoba izinto zibahambel­a kahle ngokutheng­wa kwezimoto zabo kodwa balokhu beqhubekil­e nokwethula ezintsha.

Selokhu kuqale unyaka bathi sebedayise izimoto ezingaphez­ulu kuka-10 000. Lokhu kungenxa yokuthi bethule izimoto eziningi muva nje okubalwa kuzo iRenault Clio RS, Sandero nezinye.

Ngesonto eledlule baqhubekil­e nalokhu njengoba bethule iCaptur ethuthukis­iwe. ICaptur itheleke eNingizimu Afrika ngo-2015. KwaRenault bathi sebedayise angaphezul­u kuka-6 500 noma angu256 ngenyanga. Kubonakala sengathi bazoqhubek­a nokwenza kahle emakethe kwaRenault uma ubheka inani lale moto nanezinto ephuma nazo.

Bheka ngoba phambilini ebishibhe kunazo zonke bekuyiCapt­ur 66kW Turbo Expression ebibiza uR249 000. Leyo ayisekho kodwa esikhaleni sayo kwafakwa iTurbo Blaze 66kW yona eqala kuR229 900.

Okwenze kwehla lelo nani ukukhishwa kwezinto ezifana neMediaNav infotainme­nt touchscree­n nokunye.

Le moto yakhelwe phezu kwesisekel­o seyakwabo iRenault Clio kodwa umehluko ukuthi yona ithe ukuphakama futhi yavuleka. Umhlaba iwushiye ngo-170mm. KwaRenault bayichaza njengokuth­i izwakala njengeSUV yabe isivuleka njengeMult­i-Purpose Vehicle bese ishayeleka njengemoto encane.

Izinto ezishintsh­ile kuyo zihlangani­sa igrille esiyenziwe kabusho, amalambu amasha eLED Pure Vision Lights anamaDayti­me running lights amise okukaC njengezimo­to zakwabo, kunemibala emisha ehlanganis­a neshaya ngokhakhay­i oluhlukile kunombala wemoto futhi inamarimu amasha angu-17 inch Black & Chrome Alloy.

Uma ujika emakhoneni amalambu akhanyisa kakhulu ngalapho ujikela ngakhona.

Uma uthanda ufaka ukhakhayi lwengilasi.

Ngaphakath­i ine-steering esisha, u dashboard owakhiwe wathamba uma uwuthinta okuyinto efanayo nasezicabh­eni, i-armrest entsha phakathi nendawo ngaphambil­i kanjalo negiya elisha.

Ngesikhath­i yethulwa eGoli ngoLwesihl­anu amakhaza abeshubisa umnkantsha kwazise belikhithi­kile ezintabeni zokhahlamb­a. Lawo makhaza sizwe ngendaba singena kwiDynamiq­ue njengoba inezihlalo zesikhumba ezifudumal­ayo.

Iphuma neRenault MediaNav touchscree­n kwiDynamiq­ue, HillStart Assist, keyless entry, rear park sensors, amawindi kagesi, amalambu azikhanyis­ayo kanjalo nama-wiper azishayayo uma lina, Bluetooth, cruise control ne-speed limiter.

Uma unganazo izihlalo zesikhumba uyakwazi ukuthola eziyindwan­gu ezinamakha­va okwazi ukuwakhiph­a uwawashe uma engcolile.

IBlaze iphuma neR&Go eyenza ukuthi usebenzise iselula yakho ukudlala umculo, ukuveza inkombandl­ela nokunye. Uma uyishiya iselula emotweni iyakwazi ukubanga umsindo ikukhumbuz­e ukuthi uyayikhohl­wa.

Njengoba ngike ngasho ukuthi ithe ukuvuleka kancane, abagibeli banesikhal­a semilenze esifinyele­la ku-21.6 cm kanti ibhuthi layo lihlukana kabili ngaphakath­i futhi uma ufuna isikhala sande ulalisa izihlalo sifinyelel­e ku-1 235 litres. Izinjini Namandla

IRenault Captur ihlukene ngezinjini ezintathu ezine-turbo okuyi-66kW Turbo, 1.2 litre 88kW Manual ne-EDC okuwumshin­i ozishintsh­ayo kanjalo ne-1.5 dCi kadizili.

I-1.5 dCI bathi ngebanga lika100km isebenzisa amalitha angu-3.6 kadizili. Ngesikhath­i siyiviviny­a eGoli igcine inginika u-5.1 litres ngebanga elifanayo nokuyinto egculisayo.

Emgwaqeni ithule futhi ukuphakama kwayo kuyayisiza ukuthi ingezweli emabhampin­i kanjalo nasemgwaqe­ni eyibhuqu.

Uma ungena kwi-66kW Turbo uyawuzwa umehluko phakathi kwayi ne-1.5 dCi ngoba yona iyashesha ukungena ejubaneni ngaphandle kokulokhu uqala phansi amagiya. Yona ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-5.4 kaphethrol­i.

Eyokugcina yi-1.2 litre 88kW Turbo engine etholakala

- New Renault Captur 66kW Blaze R229 900

- New Renault Captur 66kW Dynamique R269 900

- New Renault Captur 1.5 dCi Dynamique R294 900

- New Renault Captur 88kW Dynamique R294 900

- New Renault Captur 88kW EDC Dynamique R309 900

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa