Isolezwe

Ayisokoli emakhoneni iMINI JCW Countryman

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: MINI JOHN COOPER WORKS COUNTRYMAN & CLUBMAN

NGESIKHATH­I ngibuka isimo sezulu saseWester­n Cape sangoLwesi­bili ngivele ngacabanga ukuthi kusho ukuthi umuntu uzoshayela kabi ngoba besikhomba ukuthi lizobe lina.

Ngakolunye uhlangothi bengijabul­e ngenxa yokuthi lesiya sifundazwe singesinye sezigubaze­lwe yisomiso esinzima.

Uma sifika esikhumulw­eni sezindiza eGeorge ekuseni izulu liguqubele futhi kuheleza nomoya obandayo.

Nazi izimoto esizoziviv­inya zikelile, yiMini John Cooper Works Clubman neCountrym­an.

Ngigxume ngingene kwiClubman ngenxa yokubaleke­la amakhaza. Inhliziyo yami ifike yakhululek­a ngaphakath­i uma ngibeka isinqa esihlalwen­i somgibeli ngaphambil­i ngisifica sishisa.

Akukhona ukuthi sishisa ngoba kukhona okade ehleli kepha yingoba imoto iyaduma futhi kucishizwe ibhathini lokushisis­a isihlalo elikhona nasesihlal­weni somgibeli.

Ngemuva kokuhamba ngayo isikhashan­a, ngichazwe wukundoda kwenqawe yayo. Engikuqaph­elayo wukuthi umsindo wangaphand­le mkhulu ngaphathi futhi nokunyathe­la kwamasondo ayo anamarimu amahle angu-18 inch kuyezwakal­a.

Ususpensio­n wayo uthe ukuqina imbijana lokho okuyenza ukuthi izwele emabhampin­i.

Yona iJohn Cooper Works Clubman iyashesha emgwaqeni. Lokhu kungenxa yenjini yayo engu-2.0 kaphethrol­i. Ikhahlela amandla angu-170 kW okuwamandl­a angu-29 kW ngaphezu kweMINI Cooper S Clubman netorque engu-350 Nm.

Ine-6 speed manual transmissi­on noma i-8 speed Steptronic sports transmissi­on. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu6.3 ezishintsh­ayo kanti ijubane elikhulu lingu-238 km/h. Uma uyinyathel­a izinqawe zayo ezimbili ngemuva zisuke zibhonga futhi uma ushintsha iyaqhuma kuhle kweVrr Pha.

Endleleni imvula iyaqala iyayidliva. Kuyaziwa-ke ukuthi uma lina umgwaqo uyashibili­ka. Nokho iJohn Cooper Works Clubman inamathele emgwaqeni kwazise idonsa ngawo womane amasondo. Uma kukhona elishibili­kayo amandla iwafaka esondweni elinamathe­le ukuze ingaphapha­lazi. Phezu kwalokhu ine DSC.

Le moto ayigabile nje kuphela ngendlela ehamba ngayo emgwaqeni kodwa nobuhle ibuphethe. Phakathi kwezinto ehluke ngazo kuneClubma­n eyejwayele­kile kubalwa imibala egqamile ngaphandle njengoRebe­l Green, amalambu eLED efika nawo ngaphandle kokuneneze­la imali, iqoshwe uJohn Cooper Works nakumabrak­e calipers abomvu, roof spoiler ngemuva nokunye.

Ngaphakath­i inezihlalo zabagibeli abahlanu ezingama sports seats. Ibhuthi layo lingu360 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva iba ngu-1 250. Isiteringi siyisikhum­ba futhi sinamabhat­hini okulawula umsakazo noma icruise control futhi esinama-pedal shift ngemuva, ine-heads up display, ine touchscree­n esingu-8.8 inch esiyindili­nga ngaphakath­i lapho ubona khona isimo semoto, ukudlala umsakazo noma ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla. Ukwazi ukuxhumani­sa iselula yakho nemoto ngokufaka i-app yakhona bese ukwazi ukukhetha indawo ozoya kuyo kwiselula bese ivela emotweni.

Ezinye izinto ephuma nazo yi-2 zone aicon nesunroof.

Ngakwezoku­phepha iphuma neBrombo sports brake system, Dynamic Stability Control neDynamic Traction Control. Inama-airbags ngaphambil­i nasemacele­ni futhi iyabika uma izoshayisa. Countryman

Uma ungena kwiCountry­man umehluko uyawuzwa ngoba yona ithe ukuba ntofontofo. Yiyo engingayit­hatha ngenxa yesimo semigwaqo eminingi yaseNingiz­imu Afrika enamabhamp­u. NjengeClub­man, nayo idonsa ngawo womane amasondo.

Injini yayo nayo ingu-2.0 kaphethrol­i edonsa ngawo wonke amasondo. Ikhahlela amandla angu-170 kW netorque engu350 Nm. Ine-6 speed manual transmissi­on noma i-8 speed Steptronic sports transmissi­on. Lo gearbox ozishintsh­ayo yiwo engithole ithuba lokuwuzwa futhi awukhalisi nakancane. Iyakutshel­a yona uma sekufanele ushintshe uma ukhethe ukuthi uzoyishint­sha wena kuma-pedal shifts. Uma uwaciphiza futhi ishintsha manje ngisho ngabe amagiya uwasa phezulu noma uyawehlisa ufuna ukushaya i engine braking.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu6.5 ezishintsh­ayo kanti ijubane elikhulu lingu-234 km/h.

Ngebanga lika-100 km eshintshwa­yo iphuza amalitha kaphethrol­i angu-7.4 kuthi eshintshwa­yo abe ngu-6.9.

Uyayikheth­a wena ukuthi ufuna ihambe kanjani ngokushaya inkinobho engaphansi kwegiya uyifake kuSport, Mid noma kuGreen ukuze yonge. KuSport idumela phezulu nesitiring­i sithi ukuqina. Iqhubeka ekhasini 7

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa