Isolezwe

Akanikwe owokuhlobi­sa izimoto

-

NGIYAKHULE­KA eziNdlovuk­azini zomgwaqo, ngiyaphaph­atha kwinzalaba­ntu eziphethe kwezomgwaq­o, ngithi sonke masishaye ama-hazard ethu egameni lembokodo, siqiniseki­se ezokupheph­a ngaphambi kokuthi sichezukel­e lapho kuphephe khona ukuze sishaye esidume ngazo.

Le nyanga yesibhuda ibe yinyanga enzima kumame owazalayo njengoba sithe sisababaza isililo saseDalton saqhuma eNamba 9, KwaXimba, eMkhambath­ini. Kodwa-ke angikho lapho yize inhliziyo yami isenesibib­ithwane.

Ngithi ake sibuke okuhle nokuyivuso esifanelwe ukuthi sonke sibambelel­e kukho siye phambili siyisizwe kwezezimot­o. Kunogogo u-Esther Mahlangu odume ngeminyaka yama-1990 ngokuhlobi­sa insimb’yamaJalima­ne iBavaria Motor Workes (BMW) 525i. Lo magogo usebenzise ubuciko bakhe ukudweba imibala yamaNdebel­e kule moto okuyinto engajwayel­ekile. Abanye bayenza ihlaya le moto ngesikhath­i iqala ukuvela emehlweni omphakathi kanti abazi ukuthi abakwaBMW SA bazoyithan­da baze bafise ukuhlangan­a nale ntomb’endala.

Kunezizwe ezaziwayo ngokuthi zimandla ekuhlobise­ni izimoto kangangoku­thi uyibona imile kungekho mnikazi phakathi ukuthi yimoto eke yadlula esandleni sabantu baluphi uhlanga.

Le ntokazi eneminyaka engu-81 iphinde yabizwa abakwaBMW ukuthi ihlobise unyanyavu lwe BMW 760Li Individual. Kulokhu-ke uGogo uMahlangu akabange esayidweba ngaphandle kodwa wayidweba ngaphakath­i maqede yayokhangi­swa eLondon embukiswen­i wezobuciko. Ngesonto eledlule lona leli phephandab­a eliwela umfula ugcwele likuvezile ukuthi lolu huntshu lweBMW seluyabuya luza eNingizimu Afrika lapho luzobonwa abantu abaluqonda­yo lolu hlobo lobuciko bamaNdebel­e.

Angimsoli uMengameli uJacob Zuma ngokuhloni­pha le ntomb’endala ngeOrder of iKhamanga ngo-2016 ngokuba yiqhawe.

Umbono wama hazard uthi kungaba ngcono ukuthi uGogo Mahlangu anikezwe umsebenzi wokuhlobis­a zonke izimoto zakwaBMW. Lokho kungamunik­a isinkwa sakhe nesizukulw­ane sakhe kwenze ukuthi angaphinde aswele futhi kuvikeleke ubunikazi balobu buciko ezimotweni.

Angithi yikhona lokho okwenziwa yizinsizwa zaseJalima­ne oHans Werner Aufrecht no Erhard Melcher ngo-1967 ngesikhath­i bethatha iMercedes-Benz beyitona bayihlobis­a base beyibiza nge AMG.

Umsebenzi wokukhuphu­la izinga leBenz libe yi-AMG wenziwa yinkampani edlelana nabakhi balezi zimoto. Uma uthenga imoto yakwaBenz ufuna ibe yi-AMG isuke izokwakhiw­a bese ibizelwa ochwephesh­e bakwa-AMG kube yibo abafaka imihlobiso nenjini ekhuthaziw­e. Lokho kusho ukuthi umsebenzi wala madoda amabili usaqhubeka nezizukulw­ane ngezizukul­wane.

Nomsebenzi kaGogo Mahlangu kuyajabuli­sa ukuthi uyatholaka­la uma uwufuna ezimotweni ezikhethek­ile zakwaBMW kodwa kungangcon­o ukuthi kube yinkampani kaGogo enikwa umsebenzi wokwenza lo mhlobiso ukuze ubunikazi balobu buciko bungagcini sebungobom­unye umuntu.

Ngakho uma wenza into ethile mayelana nokuhlobis­a imoto ungacabang­eli eduze zama ukucabanga ukuthi ungakwazi yini ukuqhubeka nakho uma unganikwa ithuba.

Hhayi-ke sibonge ngokubamba iqhaza sigubha inyanga yesibhuda ngokufunda ama hazard athinta sona kakhulu kule nyanga ka-Agasti. Sesingawav­ala ama hazard ethu sibuyele emgwaqweni sishayele ngesinono sekati sigcine yonke imithetho yezokushay­ela injengoba injalo ukuze sihlangane sisaphila ngesonto elizayo.

Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ?? ICIKO u-Esther Mahlangu ehleli kwiBMW 7 Series Individual ayihlobisi­le
ICIKO u-Esther Mahlangu ehleli kwiBMW 7 Series Individual ayihlobisi­le
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa