Isolezwe

Yakhiwe ngobuchule iMINI entsha

-

ISUKA EKHASINI 6

Ithe ukuphakama njengoba umhlaba iwushiye ngo-165 mm lokho okuyisiza ukuthi iphinde ikwazi nokuhamba obhuqwini futhi ukudonsa kwayo ngamasondo wonke kuyenza ikwazi ukubambele­la noma ngabe isimo sezulu sinjani nasemajike­ni. Sihamba emvuleni akukazi kube khona isikhathi lapho ngizizwe ngingaphep­hile khona ngijika emakhoneni.

Uma uya ejikeni ngesivinin­i, isiteringi akudingeki nokuthi uze usijikise kakhulu ukuze ijike. Ine-Dynamic Stability Control ukuze ingaphapha­lazi.

Njengoba inejubane nje, amabhuleki ayo abamba thaqa njengoba engawakwaB­rembo ayi-4 piston caliper brakes ngaphambil­i. Abomvu uma uwabuka ngaphandle futhi aqoshwe uJohn Cooper Works.

NjengeJohn Cooper Works Clubman, akudingi ukuthi uyibuke kabili ukuze ubone ukuthi yinhle. Inama-roof rails okhakhayin­i, roof spoiler ngemuva esisiza ukuthi izimelele, inamarimu angu-18 inch noma u-19 uma uthanda futhi nayo inemibala egqamile.

Ivulekile njengoba ingu-4 299 mm ubude, ububanzi bayo bungu-1 822mm kuthi ukuphakama kwayo kube ngu-1 557mm.

Lokhu kwenza ukuthi abagibeli bahlale ngokukhulu­leka. Impahla nayo inebhuthi layo elingu-450 litres futhi uma uthanda iba ngu-1 390 ngokulalis­a izihlalo.

Izinto ephuma nazo zihlangani­sa amaLED headlamps nama daytime running lights, cruise control, Radio MINI Visual Boost, ixhuma i-USB umshayeli une-instrument­al panel engu-6.5 inch.

Nayo ine-8.8 inch touchscree­n, Park Distance Control, ikhamera ngemuva uma uthanda, izipikha zeHarman Kardon, inkombandl­ela nokunye.

KwaMINI bayazethem­ba ukuthi iJohn Cooper Works Clubman izokwazi ukuphazami­sa abathengi bezimoto ezifana neMercedes-Benz A250, BMW 125i, S3 neGolf R. Ngakolunye uhlangothi iCountryma­n bahlose ukuthi iphazamise iMercedesB­enz GLA 250, BMW X1, Audi Q2 neVW Tiguan. Nami angisiboni isizathu esingenza ingaziphon­seleli inselelo lezi zimoto ngoba inani lisezingen­i elifanayo nezimbangi, inamandla futhi yimoto ongayisebe­nzisa nsuku zonke. Amanani

KwaMINI bathi asikho isidingo sokuthuswa yinani kubathengi ngoba bengangena ku-www.miniselect.co.za lapho bengabheka khona indlela yokuthenga ehambisana nabo kanjalo nemali abazoyikho­kha zinyanga zonke. MINI John Cooper Works Clubman 6-Speed Manual: R558 612 8-Speed Sports Automatic Transmissi­on with Steptronic : R584 516 MINI John Cooper Works Countryman 6-Speed Manual: R610 612 8-Speed Sports Automatic Transmissi­on with Steptronic : R636 510 Zonke ziphuma neMotorpla­n yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-100 000km.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa