Isolezwe

UPoulter uthi khumu emijahweni

- INTATHELI YEZEZIMOTO

UMPETHA ovikela isicoco seSouth African National Rally neCrosis-Country, uLeeroy Poulter, usethathe isinqumo sokuhoxa ezimotweni zomjaho kule sizini.

UPoulter uthathe lesi sinqumo ukuze ezokwazi ukululama kahle njengoba ahlizwa ebuchoshen­i ngonyaka edlule ekhishwa isimila.

Yize ukuhlinzwa kwakhe kwaba yimpumelel­o kodwa uPoulter ukubone kunzima ukululama wabe esenquma ukugxila esimweni sempilo yakhe.

“Akubanga yisinqumo engisithat­ha kalula. Mina neqembu lami sikhulume kabanzi ngalolu daba. Yize ngikwazi ukushayela kodwa ngibone ukuthi umzimba wami udinga isikhathi esithe xaxa sokululama,” kusho uPoulter.

UMengameli weqembu leToyota Gazoo Racing SA, uGlyn Hall, uthe useseka ngokuphele­le isinqumo sikaPoulte­r.

“ULeeroy uyilungu elibalulek­ile leqembu lethu futhi ube neqhaza elikhulu ekuthuthuk­iseni iToyota Hilux. Umdlalo wethu ufuna lukhulu futhi ukunakekel­a impilo yakho kubaluleke kakhulu. Ngakho sifisela uLeeroy konke okuhle ekululamen­i kwakhe,” kusho uHall.

UPoulter uthe umdlalo wezimoto uyimpilo yakhe njengoba azibandaka­nye kusukela emncane.

“Ukungancin­tisani kuzoba yinto enzima kakhulu kodwa kumele ngimelane ngibe neqiniso ngesimo sami sempilo. Ukuhlaba ikhefu manje kungenzeka ukuthi yikhona Kanye engikuding­ayo,” kusho uPoulter.

UPoulter usenqobe inqwaba yemiklomel­o kusukela ezimotweni zemijaho kuya kwi karting. Uyena ozihola phambili kwiSouth African Cross-Country Series.

Leli qembu lithembise ukwenza isimemezel­o ngokuzokwe­nzeka kuze kuphele isizini.

 ??  ??
 ??  ?? UMSHAYELI weToyota Gazoo Racing SA, uLeeroy Poulter usethathe isinqumo sokuhoxa emqhudelwa­neni yezimoto kule sizini ukuze anakekele impilo yakhe
UMSHAYELI weToyota Gazoo Racing SA, uLeeroy Poulter usethathe isinqumo sokuhoxa emqhudelwa­neni yezimoto kule sizini ukuze anakekele impilo yakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa