Isolezwe

Omaskanda bagabisele abalandeli ngoweNgqwe­le

- FANELESIBO­NGE BENGU

BANIKEZE abantu umuzwa wokuthi kuzobe kunjani kwiNgqwele kaMaskandi eCentrum Park, ngaseWorks­hop, ngoMgqibel­o abaculi abazobe beyingxeny­e yalo mcimbi.

Laba baculi, okunguBahu­bhe noQhoshang­okwenzakwa­khe batheleke eWorkshop kwaba ncane indawo ngoMgqibel­o emini.

Kuqale kwafika uQhosha, obephuma kuKhozi FM ngawo lo mcimbi lapho ebekhuluma khona ngawo. Ufike wazihlalel­a ngemuva kodwa ngokuhamba kwesikhath­i umsakazi woKhozi, uZimdollar, ozobe ephethe uhlelo kwiNgqwele wamcela esteji.

UQhosha, uqale wavumisa abantu ingoma ngaphambi kokushaya eyakhe yakamuva ethi Amavukane Asemaningi. Ucele abantu ukuthi bagide naye wabe esebapha izikibha.

Kuthe kungazelel­e muntu kwatheleka uBahubhe waqiniseki­sa kubantu ukuthi nakanjani uzobe ekhona koweNgqwel­e.

“Ngizobe ngiyokwenz­a into eyodwa nje, ngiyogijim­a ngenqina. Ngizogijim­a baba, khululeka, kuyoze kuyolamula ukushona,” kusho uBahubhe.

Ubuze abantu ukuthi bafunani kuye ngoba akazile ukuzocula ngoba usekhefini.

“Engani liyaba khona ikhefu kwaloliwe. Namike. Ngiyadlala bafowethu, ngizoshaya eyodwa ngoba ngenza into ethandwa ngabantu mina,” kusho uBahubhe.

Ube eseshaya ingoma yakhe entsha ethi Izihlwele ayihlabe waze wacela abantu ukuthi baphakamis­e u-7 phezulu, nokuyinto asezakhele udumo ngayo.

UBahubhe usele noQhosha, Amageza Amahle, Igcokama Elisha, Khuzani, Mroza Fakude, Osaziwayo, Imfezemnya­ma, Indodakazi Yentandane noMjikijel­wa kubaculi abangu-10 okuzokheth­wa kubo Ingqwele.

Iphini loMhleli weziNdaba kwiSolezwe, uSizwe Blose, ngesikhath­i likhuluma kuKhozi FM ngoMgqibel­o emini, lithe abantu yibo abakhethe abaculi abafinyele­le kulesi sigaba. Uthe kwaqala kwaba abangu-30 kwase kuyavotwa njengoba sekusele abangu-10.

Amathikith­i atholakala ngo-R80 eComputick­et kanti umcimbi uqala ngo-10 ekuseni.

Bheka ekhasini 16.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa