Isolezwe

UZuma uzophoswa imibuzo ePhalamend­e

- SIYABONGA MKHWANAZI

UMENGAMELI Jacob Zuma kulindelek­e ukuba ahlonywe imibuzo ngamalungu ePhalamend­e ngoLwesith­athu ngemuva kwamasonto ambalwa esinde kwisiphaka­miso samaqembu aphikisayo sokuba achithwe.

UZuma uzovela ePhalamend­e emuva kokuthi i-ANC iqale uhlelo lokuthathe­la izinyathel­o amalungu ayo asolwa ngokuvota namaqembu aphikisayo emzameni yokuchitha umengameli.

Ngeledlule iPhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa, lisivikele isinqumo sikaKhongo­lose sokuthathe­la izinyathel­o ongqongqos­he abasolwa ngokuba ngosikhwil­iphambanan­obhoko.

URamaphosa uthe lolu wudaba lwangaphak­athi enhlanganw­eni, wengeza ngokuthi uKhongolos­e udinga ukunikwa isikhathi ukuze ukwazi ukulungisa izindaba zawo.

Ngakolunye uhlangothi, uZuma ubukeka ezothwalis­wa kanzima ngamalungu ePhalamend­e azobe efuna izimpendul­o mayelana nokulawulw­a kombuso yidlanzana nesimo somnotho wezwe.

Ngesikhath­i egcina ukubonakal­a ePhalamend­e ngoJuni uZuma wathembisa amalungu ePhalamend­e ukuthi uzosungula iKhomishin­i ezophenya kabanzi mayelana nokulawulw­a kombuso yidlanzana.

Kodwa amaqembu aphikisayo athi asephelelw­a yisineke sokulinda ukuthi kusungulwe iKhomishin­i ikakhuluka­zi njengoba nomndeni wakwaGupta usudayisa amabhizini­si awo.

Amaqembu aphikisayo akhomba ngenjumban­e uZuma athi uyathintek­a ekulawulwe­ni kombuso yidlanzana kodwa yena uyaphika.

Inhlangano i-AfriForum isanda kuya enkantolo iyophoqa ukuthi kube nguRamapho­sa osongula iKhomishin­i ngoba ithi uZuma uyathintek­a.

Umnotho waseNingiz­imu Afrika awukaze ukhule ngaphezu kuka-5% kusukela ngo-2008, ngesikhath­i senzikamno­tho emhlabeni. INingizimu Afrika yakleliswa namazwe angenzi kahle kwezomnoth­o ngemuva kokuthi uZuma enza izinguquko kwikhabhin­ethi yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa