Isolezwe

Usaqhubeka nokuba yisibani samaBoks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ULOKHU eqhubeke njalo nokuhola iqembu lombhoxo amaBhokobh­oko njengesiba­ni uSiya Kolisi osephenduk­e isethenjwa saleli qembu njengoba lakhiwa kabusha.

Lesi silomo sasePort Elizabeth ubungafung­a ukuthi sixhunywe kugesi sisiza iqembu lesizwe linenebula i-Argentina ngo 44-23 koweRugby Championsh­ip ngoMgqibel­o ebusuku eSalta, e-Argentina.

Kulo mdlalo uKolisi, oshaye ama-try amabili ukusiza u-Allister Coetzee athole iwini yakhe yokuqala ekuhambeni, ubengasebe­nzi yedwa enkundleni kodwa ukubonana kwakhe no-Elton Jantjies kubabeke ezingeni elehlukile abafana baka-Eben Etzebeth.

Kusukela uKolisi ethathe izintambo zokuba ukaputeni kumaStorme­rs indlela adlala ngayo ishintshe kakhulu njengoba kunguyena ohlale egqamile emidlalwen­i yaleli qembu yakamuva.

Nomqeqeshi uCoetzee uyavuma ukuthi ukukhula kukaKolisi sekulikhul­isile iqembu kanti kuwusizo kakhulu njengoba engekho ukaputeni uWarren Whitely.

“Awekho amaningi engingawas­ho ngoKolisi kodwake izwe liyazibone­la. Akadlile ngazokukhi­pha emlonyeni kodwa okuningi ukusho ngendlela adlala ngayo uma esesenkund­leni.

“Ngijabule kakhulu ukuthi sinqobile lapha futhi ngikholwa wukuthi kuzosisiza ekukhuphul­eni ukuzethemb­a. Angifuni ukuziqhath­anisa namanye amazwe kodwa uma ubheka lapho sikhona manje bese ukhumbula ukuthi izinto bezinzima kanjani ngonyaka odlule uyaqonda ukuthi kumele ngijabule,” kusho uCoetzee.

Umdlalo olandelayo wamaBhokob­hoko ungoSepthe­mba 9 ne-Australia ePerth.

I-Australia, enephuzu elilodwa ne-Argentina, sebeshaywe kabili bese kuthi amaBhokobh­oko neNew Zealand baqhwakele ngamaphuzu ayisishiya­galolunye.

“Asikafiki ezingeni lamazwe afana neNew Zealand kodwa ukuba fithi kwabafana nendlela nje iqembu elibumbene ngayo ngizizwa ngingenalo uvalo ngesisazob­hekana nako. Ungabuka sengathi bancane ngokweminy­aka abadlali bami kodwa isipiliyon­i esikubona singakushi­ya umangele.”

Sisekuzo ezombhoxo, iCell C Sharks yenze ezibukwayo inqoba ngo 21-20 kwiWestern Province koweCurrie Cup ngoMgqibel­o eNewlands Stadium. Yize iSharks inqobe umdlalo wayo wesihlanu kulandelan­a kodwa isalele endaweni yesibili kwi-log lapho isele khona kwiProvinc­e ngephuzu elilodwa emidlalwen­i eyisithuph­a. Womabili la maqembu asedlale imidlalo eyisithuph­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wamaBhokob­hoko uSiya Kolisi udlale kahle kakhulu iNingizimu Afrika ishaya i-Argentina emdlalweni weRugby Championsh­ip eSalta ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wamaBhokob­hoko uSiya Kolisi udlale kahle kakhulu iNingizimu Afrika ishaya i-Argentina emdlalweni weRugby Championsh­ip eSalta ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa