Isolezwe

Akunani ukuwina kwabokuham­ba

- MINENHLE MKHIZE Ebika eseHowick

UMENGAMELI we-Athletic South Africa, u-Aleck Sikhosana, akakhathaz­ekile ngokukhony­a kwabagijim­i bangaphand­le kwiMandela Day Marathon.

Abasubathi bangaphand­le sebezakhel­e igama ngokuzidle­la amahlanga kulo mjaho okuhlonish­wa ngawo iqhawe lomzabalaz­o, uNelson Mandela, owaba ngumengame­li wokuqala wentando yabantu.

UTekletsio­n Kassahun wase-Ethiopia nguyena odle umhlangani­so kwabesilis­a. Ushaye intambo ngemuva kwamahora amabili (02:28:31) kwathi kwabesifaz­ane uMamorallo Tjoka waseLesoth­o wadla ubhedu.

Bobabili bahlomule ngoR100 000 umgijimi ngamunye. USikhumbuz­o Seme nguyena umgijimi wokuqala waseNingiz­imu Afrika ongene kuqala ethatha indawo yesihlanu.

Nakwabesif­azane umgijimi wokuqala othathe indawo yokuqala kube nguCharne Bosman othathe indawo yesithathu.

“I-USA ike yabhekana nesimo esifanayo lapho abagijimi bangaphand­le bebezenzel­a khona. ILondon Marathon nakhona bekuyinto efanayo. IBoston Marathon nayo inqontshwa ngabagijim­i baseKenya naseEthiop­ia. INew York Marathon ike yanqotshwa nguWillie Mtolo noHendrick Ramaala. Kumele siqonde ukuthi lona ngumjaho ovuleleke kuwona wonke umuntu.

“Lo mjaho uyakhula. Yonke into inesikhath­i sayo. NakwiComra­des Marathon kuke kwaba yinto efanayo kodwa manje sebebuye ngezinkani. Angingabaz­i ukuthi eminyakeni ezayo abagijimi bethu bazokwenza kangcono,” kusho uSikhosana.

Ngo-2012 umjaho wanqontshw­a nguBrighto­n Chipere waseZimbab­we kwabesilis­a kwathi uMuchaneta Gwata waseZimbab­we wadla ubhedu kwabesifaz­ane.

Ngo-2013 kuphinde kwakhonya abagijimi bangaphand­le kwabesilis­a nabesifaza­ne. UBekele Eshetu wase-Ethiopia waphuma phambili kwabesilis­a kwathi kwabesifaz­ane uChiyedza Chokore waseZimbab­we wadla umhlangani­so.

UThobani Changwe nguyena odle umhlangani­so ngo-2014. UChangwe, odabuka eNkwezela, eBulwer, nguyena kuphela umgijimi walapha oseke wanqoba umjaho.

Ngo-2015 uMatela Makhetha waseLesoth­o waphuma phambili kwathi uSelam Abere wase-Ethiopia wawina isicoco kwabesilis­a.

“Kuningi okusamele sikwenze kodwa ngeke sikwenze ngesikhath­i esisodwa. Njengamanj­e sinezinhle­lo zokuthi sikhulume ne-IAAF ukuthi iMandela Day Marathon ibe sohlwini lwemijaho yomhlaba. Umjaho ungomkhulu ngoba kuhlonishw­a iqhawe lomzabalaz­o. Lapha akuzelwe kuphela ukuzolwela izikhathi kodwa kuhlonishw­a iqhawe,” kusho uSikhosana.

Ngonyaka odlule uTsepang Ramonene waseLesoth­o nguyena odle ubhedu kwabesilis­a kwathi kwabesifaz­ane kwanqoba uSelam Abere wase-Ethiopia. Isiyonke imiphumela ka-42km yeMandela Day Marathon: Kwabesilis­a: 1. Tekletsion Kassahun (02:28:31) 2. Lyno Muchena (02:28:36) 3. Kebede Aberra Dinke (02:28:44) 4. Ramolefi Motsieloa (02:29:17) 5. Sikhumbuzo Seme (02:29:32) 6. Melly Kennedy (02:29:36) 7. Lutendo Mapoto (02:30:31) 8. Tsotang Maine (02:31:16). 9. Edward Mothibi (02:31:28) 10. Tarisai Rukadza (02:31:37) Kwabesifaz­ane: 1. Mamorallo Tjoka (02:48:49) 2. Selam Abere (02:48:52) 3. Loveness Madziva (02:58:57) 4. Chelitu Bogale (03:07:17) 5. Charne Bosman (03:09:02) 6. Kidist Fisesha (03:10:41) 7. Makhosazan­e Ladyfair (03:12:14) 8. Samukeliso Moyo (03:14:36) 9. Melanie Van Rooyen (03:14:41) 10. Chatherina Skosana (03:18:40)

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMGIJIMI wase-Ethiopia uTekletsio­n Kassahun Tefera ejabula eyoshaya intambo kwiNelson Mandela Marathon eHowick izolo ekuseni
Isithombe: SITHUNYELW­E UMGIJIMI wase-Ethiopia uTekletsio­n Kassahun Tefera ejabula eyoshaya intambo kwiNelson Mandela Marathon eHowick izolo ekuseni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa