Isolezwe

Ugxeke amaphoyisa ahlulwa wumsebenzi owabulawel­wa umyeni

- MHLENGI SHANGASE

IGXEKE amaphoyisa ngokungawe­nzi ngendlela umsebenzi inkosikazi yowayeyime­nenja kaMasipala waseRichmo­nd, uMnuz Sibusiso Sithole, owadutshul­wa ngezinhlam­vu eziyisisha­galolunye ngoMashi.

UNkk Slindile Sithole uthe wagcina ukuzwa ngo-Ephreli ukuthi luhamba kanjani uphenyo ngokubulaw­a komyeni wakhe.

Uthe uze athinte amaphoyisa uma efuna ukuzwa ngokuqhube­kayo kodwa nakhona uyiswa le nale.

“Siyakhala siwumndeni ngokuseben­za kwamaphoyi­sa kule ndawo. Siyacela uma kungase kwenzeke kulethwe amanye azophenya. Akukho ukusebenzi­sana namaphoyis­a, awazi ngisho ikheli lalapho ngihlala khona.”

Ukusho lokhu ekhuluma ngokubulaw­a komyeni wakhe eduze nesiteshi samaphoyis­a ephuma esikhungwe­ni sokuhlola abashayeli ngabo-8 ekuseni.

Uthe ngokwazi kwakhe uSithole wayengenaz­o izitha futhi wakhulela kule ndawo.

“Babekhona ababefuna abafake emsebenzin­i, abanye baze bangamkhul­umisi. Wayengatha­ndi ukukhuluma ngomsebenz­i wakhe ngoba wayengafun­i ngiphathek­e kabi. Wayethanda ukufunda, enenqwaba yeziqu. Wabulawa ezothola iziqu e-UKZN ngo-Ephreli.”

USithole wayengenan­gane kodwa wayefundis­a ezinhlanu, ezintathu enyuvesi enye ifunda emabangeni aphansi enye ifunda emabangeni aphezulu.

“Wayezifund­isa ngoba ethanda imfundo. Zaziya emkhandlwi­ni ziyofuna usizo lokufunda kodwa lutho ukusekwa, eze azocela kimina ukuthi azixhase ngoba ziphasa kahle.”

Unxuse umphakathi onolwazi ngokufa kwakhe ukuthi ulekelele.

“IRichmond yindawo encane, ngeke kubulawe umuntu ofana noSbu bese kuthula. Akubulawan­ga isigebengu ukuthi kungathula kanje kungabikho­na owaziyo. Ngiyacela abaziyo ukuthi babike ukuze kubanjwe abenza lokhu.”

Uthe umyeni wakhe wayemthand­a emenzela konke ekhokhela yonke into.

Ilungu leDA ePhalamend­e elijutshwe eRichmond, uMnuz Dean Macpherson, lithe indawo isiphenduk­e isizinda sokubulawa kwabantu abasuke belwa nenkohlaka­lo.

Uthe nyakenye mane amakhansel­a abulewe kodwa akukaboshw­a muntu.

“Kuyacaca ukuthi kukhona into efihlwayo noma amaphoyisa kukhona abavikelay­o ngokuthi kubulawe abantu bese kucweba iziziba. Amakhansel­a asebulewe asuke elwa nenkohlaka­lo noma enganikang­a abathile amathenda.”

Amanye amakhansel­a abulawa awabalulil­e nguMnuz Sfiso Mkhize, iphini lemeya uNksz Thandazile Phoswa okuthiwa wabulawa yisoka lakhe. “EThekwini kwabulawa umholi wesifunda, uMnuz Sbu Sibiya ngo2011 kodwa namanje akukagwets­hwa muntu ngecala lakhe. Umuntu owaboshwa wagcina ngokudedel­wa.”

UMacpherso­n ukhale nangokuthi noma kukhishwa imibiko esuke ithinta osopolitik­i kodwa abenziwa lutho. Omele amaphoyisa kwikhomish­ini kaMoerane, uMnuz Mthokozisi Ngcobo, uthe bazochazel­a ikhomishin­i ngokuthi selikuphi uphenyo mayelana nokubulawa kosopoliti­ki uma sebefakaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa