Ugxeke amaphoyisa ahlulwa wumsebenzi owabulawelwa umyeni
IGXEKE amaphoyisa ngokungawenzi ngendlela umsebenzi inkosikazi yowayeyimenenja kaMasipala waseRichmond, uMnuz Sibusiso Sithole, owadutshulwa ngezinhlamvu eziyisishagalolunye ngoMashi.
UNkk Slindile Sithole uthe wagcina ukuzwa ngo-Ephreli ukuthi luhamba kanjani uphenyo ngokubulawa komyeni wakhe.
Uthe uze athinte amaphoyisa uma efuna ukuzwa ngokuqhubekayo kodwa nakhona uyiswa le nale.
“Siyakhala siwumndeni ngokusebenza kwamaphoyisa kule ndawo. Siyacela uma kungase kwenzeke kulethwe amanye azophenya. Akukho ukusebenzisana namaphoyisa, awazi ngisho ikheli lalapho ngihlala khona.”
Ukusho lokhu ekhuluma ngokubulawa komyeni wakhe eduze nesiteshi samaphoyisa ephuma esikhungweni sokuhlola abashayeli ngabo-8 ekuseni.
Uthe ngokwazi kwakhe uSithole wayengenazo izitha futhi wakhulela kule ndawo.
“Babekhona ababefuna abafake emsebenzini, abanye baze bangamkhulumisi. Wayengathandi ukukhuluma ngomsebenzi wakhe ngoba wayengafuni ngiphatheke kabi. Wayethanda ukufunda, enenqwaba yeziqu. Wabulawa ezothola iziqu e-UKZN ngo-Ephreli.”
USithole wayengenangane kodwa wayefundisa ezinhlanu, ezintathu enyuvesi enye ifunda emabangeni aphansi enye ifunda emabangeni aphezulu.
“Wayezifundisa ngoba ethanda imfundo. Zaziya emkhandlwini ziyofuna usizo lokufunda kodwa lutho ukusekwa, eze azocela kimina ukuthi azixhase ngoba ziphasa kahle.”
Unxuse umphakathi onolwazi ngokufa kwakhe ukuthi ulekelele.
“IRichmond yindawo encane, ngeke kubulawe umuntu ofana noSbu bese kuthula. Akubulawanga isigebengu ukuthi kungathula kanje kungabikhona owaziyo. Ngiyacela abaziyo ukuthi babike ukuze kubanjwe abenza lokhu.”
Uthe umyeni wakhe wayemthanda emenzela konke ekhokhela yonke into.
Ilungu leDA ePhalamende elijutshwe eRichmond, uMnuz Dean Macpherson, lithe indawo isiphenduke isizinda sokubulawa kwabantu abasuke belwa nenkohlakalo.
Uthe nyakenye mane amakhansela abulewe kodwa akukaboshwa muntu.
“Kuyacaca ukuthi kukhona into efihlwayo noma amaphoyisa kukhona abavikelayo ngokuthi kubulawe abantu bese kucweba iziziba. Amakhansela asebulewe asuke elwa nenkohlakalo noma enganikanga abathile amathenda.”
Amanye amakhansela abulawa awabalulile nguMnuz Sfiso Mkhize, iphini lemeya uNksz Thandazile Phoswa okuthiwa wabulawa yisoka lakhe. “EThekwini kwabulawa umholi wesifunda, uMnuz Sbu Sibiya ngo2011 kodwa namanje akukagwetshwa muntu ngecala lakhe. Umuntu owaboshwa wagcina ngokudedelwa.”
UMacpherson ukhale nangokuthi noma kukhishwa imibiko esuke ithinta osopolitiki kodwa abenziwa lutho. Omele amaphoyisa kwikhomishini kaMoerane, uMnuz Mthokozisi Ngcobo, uthe bazochazela ikhomishini ngokuthi selikuphi uphenyo mayelana nokubulawa kosopolitiki uma sebefakaza.