Ukhihle isililo umsolwa ‘kwelamazimuzimu’
UKHIHLE isililo engena ebhokisini umsolwa wesine ecaleni labahlanu abasolwa ngokubulala nokuthunga ukubulala nokuthiwa badla abantu, ngesikhathi bevele eNkantolo yeMantshi yaseMtshezi, izolo.
UMnuz Lungisani Magubane (32) ongumsolwa wesine ungene enkantolo washo ngengila, ngesikhathi yena nabasolwa abane aboshwe nabo okunguMnuz Nino Mbatha (32) ongumsolwa wokuqala, Sithembiso Sithole (31), Lindokuhle Masondo (32) noKhayelihle Lamula (32) bevele okwesibili enkantolo yemantshi eMtshezi.
Laba basolwa bangene enkantolo bezimboze ubuso ngezigqoko.
Kuphoqeleke ukuthi imantshi ephethe icala uNkk Arthi Sookraj iyalele ummeli wabasolwa uNksz Thandeka Hadebe ukuthi abacele basuse ebusweni izigqoko abebezimboze ngazo. Babhekene necala lokubulala nelokuthunga itulo lokubulala.
Ngaphakathi enkantolo bekuvunyelwe izintatheli, amalungu emindeni yabasolwa nabaholi bomphakathi kuphela.
Bekulindeleke ukuthi abasolwa bacele ibheyili kodwa uNksz Hadebe wathi banqume ukungayiceli ngoba becabangela ukuphepha kwabasolwa.
Izolo kucacile ukuthi amalungu afuna ukubadla luhlaza abasolwa.
Amaphoyisa athwale kanzima ezama ukuvimba isixuku samalungu omphakathi abefuna ukuyibamba ngezandla imoto ebinabasolwa sebephindela ezitokisini. Kuphele cishe amahora amabili imoto ingaphumi kodwa amalungu omphakathi awazange aphele umoya, ayilindile ngoba efuna ukuzibonela abasolwa. Amalungu omphakathi abewotha ubomvu egcwele umgwaqo u-Albert ogudle inkantolo, abesho nokusho ukuthi uma inkantolo ingabadedela abasolwa, azozibammbela bona ngezandla. Inkantolo ilihlehlisele uSepthemba 28 icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Udadewabo kaMagubane ongathandanga ukudalulwa utshele leli phephandaba ukuthi umfowabo uyigwala lokuzalwa.
“Angazi ungene kanjani kulesi silingo. Kuyacaca ukuthi wumuthi wale nyanga ebibadlisa wona owenze ukuthi umfowethu azithole esenza okuphambene. Akanaso nhlobo isibindi sokwenza into enjalo, uyigwala lokuzalwa,” kusho udadewabo.
Ngaphandle kwenkantolo iqulu lamalungu omphakathi ebelibhikisha likhuza iziqubulo belifuna abasolwa benqatshelwe ibheyili. Kule mashi bekukhona nabamele inhlangano yabelaphi bendabuko, i-Traditional Healers Organization for Africa abebezozwakalisa indumalo njengoba ababili kwababoshiwe bezibiza ngezinyanga.
UMnuz Siphiwe Manana onguMgqugquzeli kule nhlangano kuzwelonke uthe isenzo sabasolwa sibashaqisile.
“Ababolele ejele ukuze kugezeke igama lethu. Ukwelapha akuhlangani nhlobo nokucwiywa kwezicubu zabantu noma ukudla abantu. Sifuna uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uMnuz Aaron Motsoaledi aqinise umthetho wokusebenza kwabelaphi bendabuko ukuze kuphele izigilamkhuba ezicashe ngobunyanga,” kusho uManana.