Isolezwe

Uphumela obala ngabasha uKomphela

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela, uphumele obala wacacisa ngokudala ukuthi kubukeke sengathi uyangoqa nezinduku ezintsha leli qembu elizitheze ngenhloso yokuqinisa ukugwema izimbokodo zamazwi lo mqeqeshi azithole kubalandel­i eqeda isizini yesibili eshwiba izandla.

Ngemuva kokuqeda isizini edlule iqembu lingenalut­ho ekhabethen­i, iChiefs ingene emakethe yathenga abadlali abane kodwa kuze kube yimanje babili kuphela abasabonak­ele kodwa nabo futhi imizuzu embalwa ngoba befakwa sekonakele vele isikhathi esiningi.

Amakhosi asesayinis­e uBhongolet­hu Jayiya obekwiCape Town City, Dumisani Zuma (Bloemfonte­in Celtic), Teenage Hadebe (Chicken Inn, yaseZimbab­we) noPhilani Zulu ogcine ukubonakal­a ekwiMaritz­burg United ngaphambi kokuthi imgqume izinyanga eziyisithu­pha engadlali. Kubona bonke laba badlali akekho oseke waqala umdlalo okwenza abalandeli beChiefs bavungame bekhala ngokuthi bebethenge­lwani kanti uma bengeke basetshenz­iswe.

UZulu noJayiya sebeke babonakala bengena besuka ebhentshin­i kodwa uHadebe noZuma abakaze babonakale nangokhalo.

Ngokusho kukaKomphe­la, abantu kunemibuzo abangayibu­zi kodwa-ke uyayiqonda le ndaba yokuba umqeqeshi weqembu elikhulu njengeChie­fs.

“Kusemqoka ukuthi abantu bakubuze ukuthi uphi uHadebe ukuze ngizophend­ula ngithi ulimele. Yingakho kudlala u-Eric (Mathoho) noLorenzo (Gordinho) basizwe uDaniel (Cardoso),” kusho uKomphela.

Ngokwalo mqeqeshi oneminyaka engu-50 abadlali uzobafaka kahle ngendlela ngoba akafuni ukubaxina ngomthwalo olindeleke kuwona wonke umdlali weChiefs. Uthe kwenzeka okufanayo nakuGustav­o Paez oseyisitha­ndwa manje. “Bobane laba badlali esibasayin­isile bazongena khaxa futhi uma sebengenil­e bazochazek­a abalandeli bese beqonda ukuthi kungani bebengajik­ijelwa emphandwin­i wamabhubes­i (ufanisa ukudlalela iChiefs nalokhu). Ngeke ngikuxhama­zelele ukubafaka ngoba abakulande­lwe ngiyakwazi. Ngiyazi ukuthi akwehli kahle ukubona iqembu lakho lisayinisa kodwa liphinde liqhubeke nabadlali abebevele bekhona. Akuwona umsebenzi olula kodwa ngokushesh­a bazodlala bonke abadlali esibalandi­le futhi uma sebeqalile abaningi bazokhohlw­a ukuthi besinjani ngesikhath­i bengakaqal­i,” usho kanje uKomphela ngemuva komdlalo weChiefs neSuperSpo­rt United.

Umdlalo olandelayo weChiefs unzima njengoba izobhekana neCape Town City ekuhambeni ngoSepthem­ba 13. Leli qembu laseKapa eliqeqeshw­a uBenni McCarthy aliyazi induku selokhu kuqale isizini ka-2017/2018.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDUMISANI Zuma ungomunye wabadlali beKaizer Chiefs abasha abangakali­tholi ithuba lokuzibona­kalisa selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDUMISANI Zuma ungomunye wabadlali beKaizer Chiefs abasha abangakali­tholi ithuba lokuzibona­kalisa selokhu kuqale isizini ye-Absa Premiershi­p
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa