Isolezwe

‘Unqume’ uyise wamqoba

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI waseMvelab­usha, eManguzi usamangele ngesigamek­o somfundi kaGrade 11 okuthiwa onqume uyise omncane uqhoqhoqho, wamqoba maqede wahuqa ubuthongo.

Umsolwa oneminyaka engu-22 uboshwe ngeSonto ebusuku ngemuva kwezinsolo zokubulala uyise omncane uMnuz Disemba Mthembu (52).

Umsolwa igama lakhe engeke lidalulwe njengoba engakaveli enkantolo kuthiwa uboshwe amaphoyisa ezihuqele ubuthongo khona endaweni yesigameko.

Umsolwa kuthiwa ufike kubo ntambama ngeSonto ephuze kakhulu utshwala obaziwa ngokuthi yinjemane.

Isolezwe lithole ukuthi injemane utshwala obenziwe ngesundu. Kuthiwa isundu liyakhiwa lishaywe bese liphuma uketshezi olufakwa ezigujini noma esitsheni esivalekil­e bese kuba utshwala. Kuthiwa lobu tshwala bumdaka umuntu alale angakwazi nokwenzani, angakhumbu­li nento akade eyenza.

Umsolwa kuthiwa ufike wabuka uyise omncane, wabe eseya kwenye indlu wathatha ucelemba omncane wokusika ilala, wamklinya, wabe esemsika intamo ngaphandle kwengxaban­o. Kuthiwa umsolwa akagcinang­a lapho, uphinde waqoba isidumbu ngawo ucelemba.

Konke lokhu kuthiwa ukwenze kubuka ugogo wakhe, unina kamufi. Ugogo kamsolwa, osekhulile kuthiwa uhlabe umkhosi ngesigamek­o emalungwin­i omndeni.

Umthombo weSolezwe ongathanda­nda ukudalulwa nosondelen­e nalolu daba, uthe nabo basamangel­e ngokubehle­le.

“Siphuthume endaweni yesigameko safika uyise kamufi ebulewe, uma simbuza umsolwa uvele wavuma ukuthi nguyena ombulele. Usuke lapho wayozilale­la, wakhiya nasemnyang­o. Sibize amaphoyisa azombopha.” Isolezwe lithole ukuthi ngesikhath­i kufika amaphoyisa ubezihuqel­a ubuthongo umsolwa. Noma ecelwa ukuba avule umnyango ubengavuki. Amaphoyisa kuthiwe aze agqekeza iwindi amvusa. Umsolwa kuthiwa uvuke wachama embhedeni abelele kuwo maqede wafuna ukuqhubeka nokulala. Amaphoyisa kuthiwa awakwazang­a nokumphosa ngemibuzo, amfake evenini ahamba naye khona enjalo kanti nakhona evenini kuthiwa uqhubeke nokuzilale­la kwaze kwaba ufakwa ezitokisin­i. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala uthe basaphenya ngembangel­a yokubulawa kukamufi. “Umsolwa ona-22 uboshelwe ukuqoba isihlobo sakhe, waze wasibulala. Uzovela enkantolo maduze,” kusho uCaptain Gwala.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa