‘Unqume’ uyise wamqoba
UMPHAKATHI waseMvelabusha, eManguzi usamangele ngesigameko somfundi kaGrade 11 okuthiwa onqume uyise omncane uqhoqhoqho, wamqoba maqede wahuqa ubuthongo.
Umsolwa oneminyaka engu-22 uboshwe ngeSonto ebusuku ngemuva kwezinsolo zokubulala uyise omncane uMnuz Disemba Mthembu (52).
Umsolwa igama lakhe engeke lidalulwe njengoba engakaveli enkantolo kuthiwa uboshwe amaphoyisa ezihuqele ubuthongo khona endaweni yesigameko.
Umsolwa kuthiwa ufike kubo ntambama ngeSonto ephuze kakhulu utshwala obaziwa ngokuthi yinjemane.
Isolezwe lithole ukuthi injemane utshwala obenziwe ngesundu. Kuthiwa isundu liyakhiwa lishaywe bese liphuma uketshezi olufakwa ezigujini noma esitsheni esivalekile bese kuba utshwala. Kuthiwa lobu tshwala bumdaka umuntu alale angakwazi nokwenzani, angakhumbuli nento akade eyenza.
Umsolwa kuthiwa ufike wabuka uyise omncane, wabe eseya kwenye indlu wathatha ucelemba omncane wokusika ilala, wamklinya, wabe esemsika intamo ngaphandle kwengxabano. Kuthiwa umsolwa akagcinanga lapho, uphinde waqoba isidumbu ngawo ucelemba.
Konke lokhu kuthiwa ukwenze kubuka ugogo wakhe, unina kamufi. Ugogo kamsolwa, osekhulile kuthiwa uhlabe umkhosi ngesigameko emalungwini omndeni.
Umthombo weSolezwe ongathandanda ukudalulwa nosondelene nalolu daba, uthe nabo basamangele ngokubehlele.
“Siphuthume endaweni yesigameko safika uyise kamufi ebulewe, uma simbuza umsolwa uvele wavuma ukuthi nguyena ombulele. Usuke lapho wayozilalela, wakhiya nasemnyango. Sibize amaphoyisa azombopha.” Isolezwe lithole ukuthi ngesikhathi kufika amaphoyisa ubezihuqela ubuthongo umsolwa. Noma ecelwa ukuba avule umnyango ubengavuki. Amaphoyisa kuthiwe aze agqekeza iwindi amvusa. Umsolwa kuthiwa uvuke wachama embhedeni abelele kuwo maqede wafuna ukuqhubeka nokulala. Amaphoyisa kuthiwa awakwazanga nokumphosa ngemibuzo, amfake evenini ahamba naye khona enjalo kanti nakhona evenini kuthiwa uqhubeke nokuzilalela kwaze kwaba ufakwa ezitokisini. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uCaptain Nqobile Gwala uthe basaphenya ngembangela yokubulawa kukamufi. “Umsolwa ona-22 uboshelwe ukuqoba isihlobo sakhe, waze wasibulala. Uzovela enkantolo maduze,” kusho uCaptain Gwala.