Isolezwe

Ipolitiki idale umonakalo esizweni sakithi

-

MHLELI: Kweliwela umfula ugcwele ngithi ake ngizwakali­se ilaka lami njengomhla­li waseNingiz­imu Afrika.

Izwe lethu lonakele futhi ngingasho ngingahlon­izi ukuthi uma kungasukun­ywa kulungiswe umonakalo liya emgodini omnyama ongenamkha­wulo.

Sonke eMzansi siphila ngepolitik­i futhi iyo le egcine isingena emakhaya ethu yasixovela izingane nemindeni yethu. Ipolitiki iwubuxoki, iyiphixiph­ixi uma uyibuka ngeso elivulekil­e. Inkinga ngayo wukuthi kithina kuthe uma ifika sayithathe­la phezulu ngoba sazi ukuthi izosikhulu­la ebugqilini MHLELI: Ngithi ake ngithathe usiba ngike ngibhale ngokuphath­eka kabi kwami ngabantu abamhlophe abasacwasa abantu abamnyama. Inkohlakal­o eyenziwa ngabamhlop­he kwabamnyam­a ishiya imibuzo engaphendu­leki.

Uma uzothatha nje eduzane esikoleni samabanga aphakeme, abafana babelungu bedlisa abasebenzi abamnyama okungafane­le. Abantu abafana noPenny Sparrow, umuntu omnyama njalo uhlala engumgilwa wabamhloph­e. Buka nje abelungu bobandlulu­lo kanti siyixhawul­a ngesinxele. Into eyiyo la ayikho kwakona noma ayaziwa.

Uma wenza okungalung­anga kuthiwa wenza kahle, ngokunjalo noma wenza okuhle kuthiwa wenza kabi.

Ngempela sikhulisa isizwe esinjani? Isizwe sethu asisenanhl­onipho. Yingako nje izingane ziqabula othisha ezikoleni ziphinde zibapanse. Yingoba inhlonipho ayisabonwa. Kodwa ezikoleni zabezizwe awekho la manyala enzeka kwezethu.

Umuntu ubulala umuntu ngaphandle kwesizathu abizwe ngomsolwa, anikwe nokudla okungasezo­kudliwa yizingane zikamufi ngoba nguye obefaka isaka lempuphu ekhaya. Ungenelwa wumuntu kwakho ulele ephethe izinto eziyingozi ehlose ukuzokubul­ala. Uma uke wamthinta wena mnikazi womuzi nango umthetho phezu kwakho.

Kukhona nalolu daba lwaseMarik­ana. Mina ngokwami abantu okufanele bajeze ngokwenzek­a ngosuku okwabulawa ngalo abantu abaphehli bodweshu. Uma niyilandel­a kahle indaba yaseMarika­na akusashiwo lutho ngabantu ababulawa kuqala okungonoga­da nephoyisa kodwa sekukhulun­ywa ngabavukuz­i ababulawa amaphoyisa. Isehlakalo saseMarika­na sasiphatha kabi sonke thina esasibuka kodwa uma ukungalwi nomsuka waso ngeke kusisize ngalutho. Ukushushis­wa kwamaphoyi­sa kuyinto ewubuwula ngoba nawo akavelanga nje adubula kodwa kunomkhuzi wawo owawayalel­a ukuba adubule ngoba naye ebona ukuthi awasapheph­ile.

Ngicela ukwazi ukuthi sisuke sithini uma sikhala ngokubulaw­a kwamaphoyi­sa ebulawa yizephulam­thetho? Kwakufanel­e abaleke bawajahe bawafice bawabulale ngezikhali ababeziphe­the?

Sasingekho isidingo sokuthi baye egqumeni sebeyalelw­e ukuthi abasuke. Umuntu okumele aphendule umphathi wabavukuzi owayebatsh­ela ukuthi abenzeni. Ubuxoki esibenzayo ngeke busiyise ndawo kodwa bubulala isizwe. Iziphathim­andla azizwani nento eqondile.

Ngicela abazali abaqotho emizini yabo baqhubeke nobuqotho bakhulise izingane zabo ngendlela eqondile nenothando hhayi le yepolitiki egcina yenza izingane zishaye, zilimaze, noma zibulale abazali bazo. D A Nhlangulel­a EMLAZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa