Ipolitiki idale umonakalo esizweni sakithi
MHLELI: Kweliwela umfula ugcwele ngithi ake ngizwakalise ilaka lami njengomhlali waseNingizimu Afrika.
Izwe lethu lonakele futhi ngingasho ngingahlonizi ukuthi uma kungasukunywa kulungiswe umonakalo liya emgodini omnyama ongenamkhawulo.
Sonke eMzansi siphila ngepolitiki futhi iyo le egcine isingena emakhaya ethu yasixovela izingane nemindeni yethu. Ipolitiki iwubuxoki, iyiphixiphixi uma uyibuka ngeso elivulekile. Inkinga ngayo wukuthi kithina kuthe uma ifika sayithathela phezulu ngoba sazi ukuthi izosikhulula ebugqilini MHLELI: Ngithi ake ngithathe usiba ngike ngibhale ngokuphatheka kabi kwami ngabantu abamhlophe abasacwasa abantu abamnyama. Inkohlakalo eyenziwa ngabamhlophe kwabamnyama ishiya imibuzo engaphenduleki.
Uma uzothatha nje eduzane esikoleni samabanga aphakeme, abafana babelungu bedlisa abasebenzi abamnyama okungafanele. Abantu abafana noPenny Sparrow, umuntu omnyama njalo uhlala engumgilwa wabamhlophe. Buka nje abelungu bobandlululo kanti siyixhawula ngesinxele. Into eyiyo la ayikho kwakona noma ayaziwa.
Uma wenza okungalunganga kuthiwa wenza kahle, ngokunjalo noma wenza okuhle kuthiwa wenza kabi.
Ngempela sikhulisa isizwe esinjani? Isizwe sethu asisenanhlonipho. Yingako nje izingane ziqabula othisha ezikoleni ziphinde zibapanse. Yingoba inhlonipho ayisabonwa. Kodwa ezikoleni zabezizwe awekho la manyala enzeka kwezethu.
Umuntu ubulala umuntu ngaphandle kwesizathu abizwe ngomsolwa, anikwe nokudla okungasezokudliwa yizingane zikamufi ngoba nguye obefaka isaka lempuphu ekhaya. Ungenelwa wumuntu kwakho ulele ephethe izinto eziyingozi ehlose ukuzokubulala. Uma uke wamthinta wena mnikazi womuzi nango umthetho phezu kwakho.
Kukhona nalolu daba lwaseMarikana. Mina ngokwami abantu okufanele bajeze ngokwenzeka ngosuku okwabulawa ngalo abantu abaphehli bodweshu. Uma niyilandela kahle indaba yaseMarikana akusashiwo lutho ngabantu ababulawa kuqala okungonogada nephoyisa kodwa sekukhulunywa ngabavukuzi ababulawa amaphoyisa. Isehlakalo saseMarikana sasiphatha kabi sonke thina esasibuka kodwa uma ukungalwi nomsuka waso ngeke kusisize ngalutho. Ukushushiswa kwamaphoyisa kuyinto ewubuwula ngoba nawo akavelanga nje adubula kodwa kunomkhuzi wawo owawayalela ukuba adubule ngoba naye ebona ukuthi awasaphephile.
Ngicela ukwazi ukuthi sisuke sithini uma sikhala ngokubulawa kwamaphoyisa ebulawa yizephulamthetho? Kwakufanele abaleke bawajahe bawafice bawabulale ngezikhali ababeziphethe?
Sasingekho isidingo sokuthi baye egqumeni sebeyalelwe ukuthi abasuke. Umuntu okumele aphendule umphathi wabavukuzi owayebatshela ukuthi abenzeni. Ubuxoki esibenzayo ngeke busiyise ndawo kodwa bubulala isizwe. Iziphathimandla azizwani nento eqondile.
Ngicela abazali abaqotho emizini yabo baqhubeke nobuqotho bakhulise izingane zabo ngendlela eqondile nenothando hhayi le yepolitiki egcina yenza izingane zishaye, zilimaze, noma zibulale abazali bazo. D A Nhlangulela EMLAZA