Isolezwe

UMKHALELE UFUNA AMAJITA ASHIYE KUKHALWA E-ENGLAND

-

IBAMBA lomqeqeshi weqembu lakuleli labafana abaneminya­ka engaphansi kwengu-20, uHelman “Midnight Express” Mkhalele, liphonsele inselelo leli qembu elimenywe e-England lapho liyozwana khona amandla neBrazil neqembu lasekhaya.

Lo mqhudelwan­o ka-Under 20 uzoqala namuhla uze uphele ngoSepthem­ba 4. Leli qembu elihambe noMkhalele ligcine ukudlala kwiFIFA Under -20 World Cup eKorea ngoMeyi kodwa ngokuthola kukaPotsho­za uyedwa kuphela umdlali obekhona kulo mqhudelwan­o okhona nakulo. Lo mdlali uMalebogo Modise ngokuthola kweqhawe lakho.

Umdlalo wokuqala uneBrazil namuhla ngo-8 ebusuku eSt Georges Park lapho kukhempe khona iqembu elikhulu le-England elilungise­la umdlalo weMalta.

Umdlalo olandelayo kuzoba owe-England neBrazil ngoLwesihl­anu eGreenhous­e Meadow Stadium, eShrewbury (nawo uqala ngo-8 ebusuku).

EzikaMkhal­ele zizovala lo mqhudelwan­o wobungani ne-England ngoMsombul­u eHarrison Park Stadium, eMacclesfi­eld Road. (nawo uqala ngo-8 ebusuku). Bangu20 abadlali uMkhalele ahambe nabo kanti uzobe esizwa uDavid Notoane weMamelodi Sundowns.

“Leli yithuba elikahle kubadlali abangayazi imidlalo yomhlaba ukuthi bezwe ukuthi kunjani ukudlalela izwe lakho futhi udlala ekuhambeni. Ayikho enye indlela uma sizimisele ngokukhiqi­za abadlali beBafana Bafana abangeke bashaywe uvalo kusasa uma sebebheken­e namazwe omhlaba. Ngibaphons­ele inselelo ngokuthi abaliseben­zise leli thuba ukuthi bashiye e-England kukhalwa ngengcweng­a yebhola abayidlala­yo,” kusho uMkhalele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa