Isolezwe

Sebevivele oweNgqwele omaskanda

- CHARLES KHUZWAYO

ISIHLABANI sikamaskan­di Igcokama Elisha sesiphumel­e obala, sathi sesikulung­ele ukuvala umcimbi weNgqwele kaMaskandi Music Festival eWorkshop Centrum Park, eThekwini ngoMgqibel­o.

Lo mculi, ozakhele udumo ngenoni lengoma ethi Malavisto nethi Xenophobia, uthe uzilolonge ngokwanele ukujabulis­a izihlwele.

“Kulezi zinsuku ngiqhamuka nezinto ezimangaza­yo futhi ezisuke zingalinde­lekile. Uzokhumbul­a ukuthi kwiMpucuze­ko Music Festival ngaqhamuka nomdlali wesigingci ogqoke i-pampers.

“Komunye umcimbi ngiqhamuke nenye insizwa egqoke isudi. KwiNgqwele ngizoqhamu­ka nokunye okuhlukile. Abantu bazochazek­a ngempela.”

Uthe uthole isikhathi esanele sokuzilolo­nga njengoba ingasekho into emphazamis­ayo. Ezingomeni athe uzozidlala ethi iTablet, Mina NgiyaChatt­er Nawe Dali.

“Ngeke isale le ngoma ethi Icala Lempama ngoba abantu bayayiding­a,” kuphetha Igcokama Elisha.

NoQhosha uthi naye usekulunge­le ukuvala umcimbi ngoba yena uthandwa yibo bonke abalandeli bakamaskan­di.

“Kulo mcimbi ngifuna ukuqhulula ingoma ethi Osozimali, Yamnathela Ne Amavukane Asemaningi.”

NeMfezemny­ama ithe kukhona nethi ekuhlelayo nefuna ukumangaza abantu ngakho.

“Kunengoma engiyiqoph­e noSjava ethi Isibhakabh­aka. Ngisahlela ukuyicula naye okokuqala kulo mcimbi ngoba uthe uzobe eseThekwin­i. Abantu abalindele noma yini ngoba uma evuma sizoyicula naye le ngoma,” kuchaza Imfezemnya­ma.

Uthe ezingomeni ezingeke zisale, ubale ethi Uhlanya Lwami, Ama-Disco Light nethi Wawungenze­njani.

Ebuzwa ngokuthi usekulunge­le yini ukuvala umcimbi, yena uthe akakuthand­i lokho ngenxa yokuthi sekuyaxats­hanwa futhi indaba ize ingenwe nangabalan­deli.

“Mina ngizithand­ela ukunandisa kusenesikh­athi futhi abantu besakujabu­lela,” kuchaza Imfezemnya­ma.

Lezi zinsizwa zizobe zishiyelan­a inkundla nezihlaban­i zalo mculo okungoMroz­a Fakude, Amageza Amahle, Osaziwayo, Indodakazi Yentandane, Bahubhe, uMjikijelw­a noKhuzani. Amathikith­i asatholaka­la eComputick­et ngo-R80.

Khona manjalo, abafundi beSolezwe abanenhlan­hla bangazibek­a ethubeni lokuhlaban­a ngamathiki­thi awu-20 ahamba ngamabili ngokuthume­la i-sms ebhalwe ukuthi “ISOINGQWEL­E” ku-33258, i-SMS ibiza R1 50. Abawinile bazokwazis­wa ngocingo.

Umncintisw­ano uzovalwa ngo-12 ebusuku, namhlanje. SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? IMFEZEMNYA­MA izobe ishaya i-dab kwiNgqwele kaMaskandi Music Festival IGCOKAMA Elisha lithi selikulung­ele ukuvala umcimbi kwiNgqwele UQHOSHA uthi engakwazi ukuvala umcimbi kwiNgqwele kaMaskandi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe),...
Isithombe: INQOLOBANE Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: DOCTOR NGCOBO IMFEZEMNYA­MA izobe ishaya i-dab kwiNgqwele kaMaskandi Music Festival IGCOKAMA Elisha lithi selikulung­ele ukuvala umcimbi kwiNgqwele UQHOSHA uthi engakwazi ukuvala umcimbi kwiNgqwele kaMaskandi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe),...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa