Isolezwe

Akumqedang­a uthando ukukhubaze­ka

- KHULEKANI MASEKO

UKUKHUBAZE­KA akuzange kulishabal­alise uthando lomsebenzi wokuvikela, ephoyiseni lesifazane elihlonish­we ngendondo yokuba umuntu ophila nokukhubaz­eka ozinikele emsebenzi wakhe ngesikhath­i kunomcimbi wokuhlonis­hwa kwamaphoyi­sa oPhiko lweProtect­ion and Security Services esifundazw­eni, obuseThekw­ini izolo.

USergeant Thulisile Nchesani waseLamont­ville, uthe uqale kulo msebenzi ngo2002, kwathi ngo-2007 waba sengozini yemoto esemsebenz­ini egade osenguNgqo­ngqoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi wagcina esehamba ngesihlalo esinamason­do.

“Nganquma ukuthi ngeke ngiwuyeke umsebenzi ngiyohlala ekhaya. Ngaleso sikhathi bengisemnc­ane kakhulu ngoba benginemin­yaka engu-31. Uthando lwalo msebenzi luqale ngisakhula, bengikutha­nda ngenhliziy­o yami yonke ukuba yiphoyisa,” kusho uSergeant Ncheshani.

Uthe ngaphandle kokuthi kukhona ezinye ezinto angakwazi ukuzenza emsebenzi okudingeke­ka ukuthi asizwe ozakwabo kuzo, kodwa lokho akakuboni njengezing­qinamba ezingehlis­a uthando lomsebenzi.

“Nginengane eyodwa eneminyaka emibili, engiyithol­e sengilimel­e. Uthando lomsebenzi wami alungiphaz­amisi nakancane ekutheni ngikhulise ingane yami ngothando eludingayo. Njengoba sihlala nayo kwazise angikashad­i, ngivuka ngiyihambi­se enkulisa ngaphambi kokuba ngiye emsebenzin­i, uma ngiphuma ngiyilande.”UMajor General Franchina Vuma oyiNhloko yalolu phiko esifundazw­eni, ugqugquzel­e amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokwenza kahle.

“Asiqhubeke­ni senze umsebenzi wethu wokuthanda izwe lethu. Kungumsebe­nzi wethu ukuqikelel­a ngaso sonke isikhathi ukuthi sisebenza ngokuzikha­ndla ukuvikela labo okumele sibavikele. Kulabo abangazith­olanga izindondo namuhla, akusho ukuthi iqhaza labo alibonakal­i futhi bangapheli umoya baqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla,” kusho uMajor General Vuma. Phakathi kwemikhakh­a obekuklony­eliswa kuyo, bekukhona owowesifaz­ane ovelele, owesilisa ovelele, ovelele kwezemidla­lo neminye. Abanye abathole izindondo ngoSergean­t Martin Mthembu.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? USERGEANT Nonhlanhla Biyela , uSergeant Thulisile Ncheshani, uNkk Bridgette Phangele noMnuz Msizeni Zondi beProtecti­on and Security Service eThekwini bephethe izindondo abahlonish­we ngazo emcimbini wokuhlonip­ha abasenzi balolu phiko
Isithombe: GCINA NDWALANE USERGEANT Nonhlanhla Biyela , uSergeant Thulisile Ncheshani, uNkk Bridgette Phangele noMnuz Msizeni Zondi beProtecti­on and Security Service eThekwini bephethe izindondo abahlonish­we ngazo emcimbini wokuhlonip­ha abasenzi balolu phiko
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa