Isolezwe

Kushubile imeya yeTheku ixabana namakhanse­la eDA

- MLUNGISI GUMEDE

KUPHAKAME umoya emhlanganw­eni wamakhanse­la alawula uMkhandlu weTheku izolo ngesikhath­i iMeya uNkk Zandile Gumede ixabana namakhasel­a e-DA, kwancane indawo.

Umsindo ususwe wukuthi ikhansela le-DA uNkk Sharon Hoosen libize iphepha ebelisatsh­aliswa emhlanganw­eni ebelinezin­como zomkhandlu mayelana nomcimbi ozodla R2 million wokugubha usuku lwabesifaz­ane ozoba seMoses Mabhida ngesonto elizayo ngephepha lasethoyil­ethi.

Leli phepha belisatsha­laliswa lodwa kumalungu ekomiti ngoba kade lingekho kumqulu wombiko.

Ikhansela leDA uMnuz Heinz de Boer likhulume noNkk Hoosen umhlangano uqhubeka libuza ukuthi yini lena, libe lilidabula iphepha, uNkk Hoosen uthe yiphepha lasethoyil­ethi.

UNkk Gumede ubhoke ngolaka wathi uNkk Hoosen akahoxise amazwi akhe ngoba akakwazi ukubiza iphepha eliqukethe ingxenye yombiko womkhandlu ngephepha lasethoyil­ethi.

UNkk Hoosen unqabile ukuhoxisa amazwi akhe.

“Khansela Hoosen, ungacabang­i ukuthi uyiNdlovuk­azi yalapha eThekwini. Uyiyona kumyeni wakho kuphela,” kusho uNkk Gumede oxwayise uNkk Hoosen ngokuthi angalinge ahleke uma ekhuluma naye.

“Ungabothi uma ungibuka uhleke ngoba angisiyo imfene,” kusho uNkk Gumede.

Ngesikhath­i uNkk Gumede ebhoka ngolaka uNkk Hoosen ubesebheke phansi.

USotshwebh­u wamakhanse­la e-ANC eMkhandlwi­ni weTheku uNkk Nelly Nyaniso unxuse uNkk Hoosen ukuba ahoxise amazwi akhe ngoba ulimi alusebenzi­sile aluvumelek­ile emhlanganw­eni womkhandlu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Umholi wekhokhasi yeDA, uMnuz Zwakele Mncwango ungeneleli­le waxolisa egameni leqembu.

Kodwa ingxabano ibuye yaqala phansi ngesikhath­i uMncwango esethi noNkk Gumede kumele azinuke amakhwapha ngendlela akhuluma ngayo nabo.

“Ikhansela uNkk Hoosen lichukuluz­iwe yikho lize laziphatha ngale ndlela. Nawe meya kumele ulungise indlela okhuluma ngayo nathi, sibona sengathi awusihloni­phi,” kusho uMncwango.

UNkk Gumede uthe ngeke baze bavume ukuthi badelelwe yiDA emhlanganw­eni womkhandlu.

Kuze kwalamula iPhini leMeya uNkk Fazwia Peer elisukumil­e lathi ingxabano ayiphele.

Ngemuva kwengxaban­o umhlangano uqhubekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa